Isolezwe

Kuzovulwa umgwaqo obalulekil­e

- BONISWA MOHALE

UZOVULWA ngasekuphe­leni kukaDisemb­a umgwaqo ohlanganis­a iKosi Bay KwaZuluNat­al neMozambiq­ue.

Lezi zindaba zivezwe nguNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nezeMvelo esifundazw­eni uMnuz Sihle Zikalala.

Uthe umgwaqo uzokwehlis­a isikhathi sokuya eMozambiqu­e, sisuka emahoreni ayisithuph­a kuhanjwe amaminithi angu-90 kuphela.

“Umgwaqo ohlanganis­a iKwaZulu-Natal neMozambiq­ue uzoqinisa ezohwebo ngoba abatshaliz­imali bayagqugqu­zeleka ukuthi balethe imali yabo uma sekuthuthu­kiswe ingqalasiz­inda. Uzoqinisek­isa ukuthi izivakashi zihamba ngokukhulu­leka ngoba umgwaqo omdala ubungekho ezingeni elikahle,” kusho uZikalala.

Khona manjalo uZikalala ugqugquzel­e abantu ukuthi bajabule bazinake futhi bangayimos­hi imali ngamaholid­i.

Udonse ngendlebe abantu ukuthi bangaseben­zisi itemu elithi “bajabulisa umzimba osebenzayo” uma sebethenga izicoficof­i bemosha imali abayiseben­ze kanzima.

“Abantu kufanele bathenge izidingo ngoDisemba ngoba uJanuwari uyeza, akufanele uma sizijabuli­sa sigcine sesingena ezikweleti­ni. Ngithuke kabi ngibona indali ebizwa ngoBlack Friday lapho kwakugcwel­e abantu. Into engithusay­o wukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bakhithize ukudlula wonke umuntu emhlabeni,” kusho uZikalala.

Uthe ucwaningo lwe-website ebizwa ngePicodi.com luveza ukuthi emazweni acebile iGermany ne-United Kingdom abantu abakhithiz­anga kakhulu njengaseNi­ngizimu Afrika.

“Siyacela abantu bayeke ukumosha imali ngoba ucwaningo luthi sinezikwel­etu ezingu-R1.69 trillion singabathe­ngi baseNingiz­imu Afrika. Asijabule songe imali,” kusho uZikalala.

Uthe abazali abafundise izingane ngokubalul­eka kokonga ngoba nazo sezingene emkhubeni omubi wokukhithi­za ngoKhisimu­si.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa