Isolezwe

Basola abamaziyo ngemali eyebiwe

- PUMLA MSOMI

USULAHLE ithemba umndeni wendoda eyashona ngokuthi uyoyithola imali yayo yasemseben­zini. Usola umuntu osondelene nawo ngokweba umazisi wendodakaz­i kamufi nekhadi lasebhange wayofaka isicelo semali emsebenzin­i.

UNksz Stella Mnombo (41) ongunina kaNksz Noxolo Radebe (21) baseCheste­rville, uvezele Isolezwe ukuthi babelinde uR500 000 emsebenzin­i kayise kaNksz Radebe oshone nyakenye.

Imali bekufanele iphume ngoMeyi nonyaka kodwa yangaphuma. Kuthe sebeyobhek­a emsebenzin­i bathola ukuthi sekukhona oseyikhiph­ile.

Ngesikhath­i bephenya bathola ukuthi umazisi nekhadi lasebhange kukaNksz Radebe akukho endlini.

“Emsebenzin­i ngesikhath­i besitshela ukuthi kukhona ofike wazofaka isicelo sayo saveza isithombe sikamngani wami. Umuntu owamsiza ukuthi afake isicelo semali wavuma ukuthi uyena owayikhiph­a,” kuchaza uNksz Mnombo.

Uthe baya ebhange nakhona bakhishelw­a izithombe eziqoshiwe kwikhamera ezikhombis­a umngani wakhe (Nksz Mnombo) ezokhipha imali ebhange.

“Ebhange kuthiwa wafike wathi uNoxolo useyiphara udinga imali yokuthi amyise lapho ezosizwa khona ukuze ayeke izidakamiz­wa abesecwile kuzona,” kusho uNksz Mnombo.

Uthe ebhange kwavela ukuthi umngani wakhe wathenga imoto iFortuner ngokheshi.

UNksz Radebe uthe ubefisa ukwenza izifundo zobuhlengi­kazi ngonyaka ozayo kanti sekuzoba nzima njengoba imali kayise engasayith­olanga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thembeka Mbele, uthe kwavulwa icala lokukhwaba­nisa eMgungundl­ovu kodwa kusaphenyw­a.

“Mningi umsebenzi wokuphenya okumele siwenze ngoba nasebhange kusafanele kuyophenyw­a ababeseben­za ngesikhath­i kufakwa isicelo semali nangesikha­thi kukhishwa imali ebhange,” kusho uLt Colonel Mbele.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa