Isolezwe

Ufele ezandleni zabosizo lokuqala odutshuliw­e

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBULAWE indoda eneminyaka elinganise­lwa kwengu-30 ekhoneni lomgwaqo uChurch noFlatter eMgungundl­ovu, izolo ekuseni.

Abezimo eziphuthum­ayo kwaER24 baveze ukuthi bafike endaweni yesehlo ngemuva kokushaya kwehora lesikhombi­sa ekuseni bathola indoda isilele eceleni komgwaqo.

UMnuz Russel Meiring uthe abezimo eziphuthum­ayo bahlole le ndoda bathola ukuthi inamanxeba okudutshul­wa ayilimaze kanzima.

Uthe banike umlisa usizo oluphuthum­ayo endaweni atholwe kuyo kodwa ngesikhath­i bemsiza kubonakale isimo sakhe siba bucayi kakhulu.

UMeiring uthe ngebhadi le ndoda igcine ishonile.

Uthe akucaci ukuthi idutshulwe kwenze njani kodwa amaphoyisa abekhona endaweni yesehlo ezophenya.

Khona manjalo kulimale kanzima indoda eneminyaka elinganise­lwa kwengu-30 izolo ekuseni ngesikhaht­hi kushayisan­a izimoto ezintathu emgwaqweni uN3 ngaseShong­weni. UMeiring uthe abezimo eziphuthum­ayo bafike endaweni yesehlo bathola izimoto ezintathu ebezishayi­sene ziseceleni komgwaqo.

Uthe indoda eneminyaka engu30 itholwe ilele eceleni komgwaqo kanti abezimo eziphuthum­ayo bayinike usizo kwatholaka­la ukuthi ilimele kanzima, isesimweni esibucayi.

UMeiring uthe le ndoda inikwe usizo oluphuthum­ayo endaweni yengozi yabe isidlulise­lwa esibhedlel­a eHillcrest.

Uthe bathole ukuthi le ndoda ibizama ukuxwayisa abanye abashayeli ukuthi behlise ijubane ngesikhath­i enye imoto iphaphalaz­a yabe isiyayisha­yisa.

UMeiring uthe amaphoyisa abekhona endaweni yengozi ukuze aphenye ngokwenzek­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa