Izixazululo kweyamaKhatholika
IZOKWAKHA ubumbano ixazulule nezinkinga ezibhekene netsha ingqungquthela yamaKhatholika eqale izolo eDurban Exhibition Centre. IMini World Youth Day ezophethwa ngoMgqibelo, iyaqala ukuba seThekwini njengoba kuhlangene amazwe aseningizimu ye-Afrika. Intsha yaleli bandla iphume ngobuningi iphelezelwa ngabaholi bayo ukuzodingida izinto ezithinta yona.
USr Hermenegild Makoro onguNobhala weSouthern African Catholic Bishops Conference, utshele Isolezwe ukuthi le ngqungquthela iba khona njalo ngemuva kweminyaka emithathu. Eyokugcina yayiseGoli eminyakeni emithathu eyedlule. Amazwe alindeleke kule ngqungquthela yiSwaziland, Botswana, Mozambique, Zimbabwe neNingizimu Afrika.
“Lena yinkundla yokuthi intsha izocobelelana ngolwazi iphinde ibonisane ngezinselelo ebhekene nazo. Igxile nasekudaleni ubumbano ngoba zonke izinhlanga zihlangana ndawonye. Intsha ithola nethuba lokufunda ngamasiko ezinye izizwe nangendlela eziphila ngayo,’’ kuchaza uSr Makoro.
Uthe balindele ababhishobhi abangaphezu kuka-20.
UFata Brian Mhlanga ongomunye wabahleli bengqungquthela futhi ongumphathi-siteshi weRadio Veritas, uthe intsha kumele kube yiyo ezikhulumelayo, yingakho beyinika ithuba kule ngqungquthela.
“Abaholi bazobe bekhona ukuzolalela baphinde bayale intsha kodwa iyona okumele izithathele izinqumo. Silindele nobufakazi obuhlukene kuyona intsha, obuzosiza nabanye,” kusho uFata Mhlanga.
UNksz Carlota Jofrisse waseMozambique ungomunye wabaqalayo ukuba khona engqungqutheleni uthe ulindele lukhulu kwabanye ozakwabo bakwamanye amazwe. Ufike nabehamba nabo bephethe ifulegi laseMozambique, becula namaculo esonto.
UMnuz Kabelo Segapo (23) omele i-Association of Catholic Tertiary Students eMahikeng, uthe uzimisele ukuzofunda okuningi okusha engqungqutheleni.
“Ngilindele ukufunda kabanzi ngenkolo nangoKristu. Le ngqungquthela akuyona nje eyebandla kodwa kuningi esingaphuma nakho kuyona, sishintshe imiphakathi. Ibandla lingaklama indima enkulu ekusizeni ezinkingeni ezikhungethe imiphakathi. Kumanje intsha inengcindezi enkulu ngenxa yezinselelo zesikhathi samanje. Ngisho abafundi bezikhungo zemfundo ephakeme banokhwantalala ngenxa yezinkinga eziningi zemali nezomphefumulo, okwenza abanye bazibulale,’’ kusho uSegapo.
Izolo ingqungquthela ivulwe ngesidlo sasebuku nguMbhishobhi waseThekwini uCardinal Wilfred Napier. Kulindeleke nomculo nombukiso wobuciko namasiko.