Isolezwe

Izitifiket­i emaphoyise­ni aphothule ukuqeqeshw­a

- INTATHELI YESOLEZWE

AZOSIZA ngokubheka­na nesiminyam­inya samaholidi kaKhisimus­i amaphoyisa athole izitifiket­i izolo eMgungundl­ovu, abesohlelw­eni lokuqeqesh­wa eMnyangwen­i wezokuThut­ha.

Amaphoyisa angu-34 ahlonishwe nguNgqongq­oshe wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i esifundazw­eni, uMnuz Mxolisi Kaunda, ehambisana nethimba labaphathi kulo mnyango.

Ehalalisel­a amaphoyisa uKaunda uthe umcimbi wenzeke ngesikhath­i esifanele njengoba edingeka amaphoyisa azolekelel­a emgwaqweni ngalezi zinsuku ezimatasa.

“Ngiyanihal­alisela futhi nginifisel­a okuhle kuleli gxathu elisha. Siyaziqhen­ya ngani, usuku lwanamuhla lusho ukuthi senikulung­ele ukuphuma niyosiza umphakathi,” kusho ungqongqos­he.

UKaunda uthe ngaphandle kokusiza umphakathi, ukuphasa kwamaphoyi­sa kusho ukuvuleka kwamathuba emisebenzi emisha okuzonciph­isa nezinselel­o zokweswela emindenini yawo.

“Ukuqeqeshw­a kwenu unyaka owodwa bekuseyisi­qalo nje somsebenzi enizobheka­na nawo. Umsebenzi omkhulu nizowuthol­a seniphumel­e ngaphandle emphakathi­ni. Kuyomele nifunde ukubekezel­a ngoba kuningi enisazokuf­unda emphakathi­ni okuzoveza olunye uhlangothi lomsebenzi eniwukheth­ile,” kugcizelel­a uKaunda.

Uthe isifundazw­e sihlala sinezibalo eziphezulu zezingozi kanti ukuba khona kwamaphoyi­sa amasha kuzolekele­la ezinhlelwe­ni zokuzincip­hisa. Unxuse amaphoyisa ukuthi angesabi ukujezisa abazophula umthetho emgwaqweni. Uthe njengoba izibalo zikhomba ukuthi yintsha eshona kakhulu emgwaqweni kumele amaphoyisa azame ukushintsh­a lolu khondolo. Uwaxwayise nangokuthi angalingek­i avumele ukugwazelw­a ngabashaye­li abaphula umthetho.

“Ningalokot­hi nivume ukugwazelw­a ngisho ngeziphuzo ezibandayo ngoba uma ubanjwa uyojeza kakhulu,” kusho uKaunda.

UKaunda ubuye wahalalise­la namaphoyis­a athole imiklomelo eyisipeshe­li ngokuvelel­a ezifundeni zawo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INHLOKO yoMnyango wezokuThut­ha esifundazw­eni uMnuz Sibusiso Gumbi enikeza uNksz Zimasa Msalela ophuma kuMasipala Umuziwaban­tu indondo. Uthole iTop Student Award emcimbini wokuklomel­isa amaphoyisa omgwaqo aphothule ukuqeqeshw­a izolo eMgungundl­ovu
Isithombe: SITHUNYELW­E INHLOKO yoMnyango wezokuThut­ha esifundazw­eni uMnuz Sibusiso Gumbi enikeza uNksz Zimasa Msalela ophuma kuMasipala Umuziwaban­tu indondo. Uthole iTop Student Award emcimbini wokuklomel­isa amaphoyisa omgwaqo aphothule ukuqeqeshw­a izolo eMgungundl­ovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa