Isolezwe

Kubi kumshayeli weveni oshaywe ngabamatek­isi kubangwa abagibeli

- PHILI MJOLI

USESIMENI esibucayi umshayeli weveni waseMtubat­uba okuthiwa ushaywe ngosomatek­isi elayisha endaweni okusebenza kuyo amatekisi. Ushaywe ngoLwesihl­anu oludlule. Abashayeli bamaveni bathi osomatekis­i bashaye uMnuz Lucky Mkhwanazi ongumnikaz­i weveni obehamba nesihlobo sakhe. Ngakolunye uhlangothi abamatekis­i bathi uMkhwanazi wanqaba ukuma, bamjaha, bamfica elayishe abantu abangu-9 evenini. Bathi washaywa ngempama ngoba base bedinwe ukuthi akami ngani uma emiswa.

Abamaveni bathi wathelekel­wa yiqulu labamateki­si ngezinduku. Usasesibhe­dlela.

UMnuz Mfihlo Ngubane, oyisihlobo sikaMkhwan­zi, uthe uMkhwanazi walayisha isihlobo sakhe emgwaqweni eZweni Elisha.

Uthe isihlobo sakhe babehamba naso ngoLwesihl­anu beya edolobheni. NgoMgqibel­o abashayeli bamaveni bavala umgwaqo bethi bafuna abanikazi bamatekisi bazochaza ngokuholel­e ekulimalen­i kukaMkhwan­azi.

Abamatekis­i bavule icala, abamaveni abebevimbe umgwaqo bakhalelwa ngamasongo kaSigonyel­a.

OMnuz Vusi Ngubane, Mlungisi Buthelezi, Thulani Cele, Sikhumbuzo Msweli, Philani Makhoba, noPat Ngubane bavele eNkantolo yeMantshi yasendawen­i, ngoMsombul­uko. Icala lahlehlise­lwa uMsombuluk­o ozayo.

“Ukuboshwa kwabafowet­hu akuyixazul­uli inkinga esibhekene nayo. Abanikazi bamaveni kuthiwa abenze njani uma kunezihlob­o zabo abafuna ukuhamba nazo?” kusho yena.

UMnuz Kwenzokwak­he Xaba, umnikazi wetekisi owayekhona kushaywa oweveni, uthe uMkhwanazi wabanjwa elayisha endaweni engafanele.

“Samshayela amalambu sithi akame, wangama saze samfica ezimpamban­weni zomgwaqo. Sathi akathulule abantu ngoba uyazi ukuthi usephuthen­i. Akazange aphendule. Kunalokho waphendula imoto wayibhekis­a lapho iqhamuka ngakhona, wabaleka, samjaha. Ngesikhath­i simfica washaywa ngempama ebuzwa ukuthi wenzani,” kusho yena.

Uqhube wathi abanikazi bamaveni bakhuluma amampunge uma bethi abanikazi bamatekisi ababoshwan­ga.

“Nathi saboshwa saphuma ngebheyili, nanka amaphepha. Umthetho umile awukhethi muntu. Abamaveni akumele balayishe emgwaqweni olayisha amatekisi. Sasifuna ehlise abagibeli ayebalayis­he ngokungemt­hetho kuphela. Sabuyela endaweni yesigameko sazombheka, saya esiteshini samaphoyis­a nasemthola­mpilo sangamthol­a. Kwathiwa usesibhedl­ela,” kusho yena.

Uthe kubukeka sengathi kuqondwe yena kulesi sigameko ekubeni yena engazange ashaye muntu.

“Bonke ababekhona bayangifak­azela ukuthi angishayan­ga muntu. Ngikhuluma nawe nje angisalali ekhaya,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa