Kubi kumshayeli weveni oshaywe ngabamatekisi kubangwa abagibeli
USESIMENI esibucayi umshayeli weveni waseMtubatuba okuthiwa ushaywe ngosomatekisi elayisha endaweni okusebenza kuyo amatekisi. Ushaywe ngoLwesihlanu oludlule. Abashayeli bamaveni bathi osomatekisi bashaye uMnuz Lucky Mkhwanazi ongumnikazi weveni obehamba nesihlobo sakhe. Ngakolunye uhlangothi abamatekisi bathi uMkhwanazi wanqaba ukuma, bamjaha, bamfica elayishe abantu abangu-9 evenini. Bathi washaywa ngempama ngoba base bedinwe ukuthi akami ngani uma emiswa.
Abamaveni bathi wathelekelwa yiqulu labamatekisi ngezinduku. Usasesibhedlela.
UMnuz Mfihlo Ngubane, oyisihlobo sikaMkhwanzi, uthe uMkhwanazi walayisha isihlobo sakhe emgwaqweni eZweni Elisha.
Uthe isihlobo sakhe babehamba naso ngoLwesihlanu beya edolobheni. NgoMgqibelo abashayeli bamaveni bavala umgwaqo bethi bafuna abanikazi bamatekisi bazochaza ngokuholele ekulimaleni kukaMkhwanazi.
Abamatekisi bavule icala, abamaveni abebevimbe umgwaqo bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
OMnuz Vusi Ngubane, Mlungisi Buthelezi, Thulani Cele, Sikhumbuzo Msweli, Philani Makhoba, noPat Ngubane bavele eNkantolo yeMantshi yasendaweni, ngoMsombuluko. Icala lahlehliselwa uMsombuluko ozayo.
“Ukuboshwa kwabafowethu akuyixazululi inkinga esibhekene nayo. Abanikazi bamaveni kuthiwa abenze njani uma kunezihlobo zabo abafuna ukuhamba nazo?” kusho yena.
UMnuz Kwenzokwakhe Xaba, umnikazi wetekisi owayekhona kushaywa oweveni, uthe uMkhwanazi wabanjwa elayisha endaweni engafanele.
“Samshayela amalambu sithi akame, wangama saze samfica ezimpambanweni zomgwaqo. Sathi akathulule abantu ngoba uyazi ukuthi usephutheni. Akazange aphendule. Kunalokho waphendula imoto wayibhekisa lapho iqhamuka ngakhona, wabaleka, samjaha. Ngesikhathi simfica washaywa ngempama ebuzwa ukuthi wenzani,” kusho yena.
Uqhube wathi abanikazi bamaveni bakhuluma amampunge uma bethi abanikazi bamatekisi ababoshwanga.
“Nathi saboshwa saphuma ngebheyili, nanka amaphepha. Umthetho umile awukhethi muntu. Abamaveni akumele balayishe emgwaqweni olayisha amatekisi. Sasifuna ehlise abagibeli ayebalayishe ngokungemthetho kuphela. Sabuyela endaweni yesigameko sazombheka, saya esiteshini samaphoyisa nasemtholampilo sangamthola. Kwathiwa usesibhedlela,” kusho yena.
Uthe kubukeka sengathi kuqondwe yena kulesi sigameko ekubeni yena engazange ashaye muntu.
“Bonke ababekhona bayangifakazela ukuthi angishayanga muntu. Ngikhuluma nawe nje angisalali ekhaya,” kusho yena.