Isolezwe

IPosi lizothola ilayisensi yebhange

-

inamakhono afanele okuba yibhange elikhulu okuholela abantu izibonenel­o zikahulume­ni. Sifuna ithole ilayisensi yokuba yibhange elikhulu. Siyasamuke­la nesinqumo sokuthi kube iyona eholela abantu izibonelel­o zikahulume­ni ngonyaka ozayo,” kusho uMthembu.

Ucele uhulumeni ukuthi aphuthumis­e uhlelo lokunikwa kweposi ilayisensi yokuba yibhange elikhulu ukuze abantu basebenzis­e lona ukonga imali.

Uthe engqungqut­heleni ye-ANC bazophakam­isa ukuthi uhulumeni alondoloze imali eposini ukuze lidlondlob­ale.

EGauteng uhulumeni wabuza umphakathi ukuthi ngabe kufanele asebenzise liphi ibhange, uma isiphakami­so sikaMthemb­u nekomiti lakhe siphumelel­a kusho ukuthi iGauteng nezinye izifundazw­e ngeke zisebenzis­e amabhange azimele kodwa zizosebenz­isa iposi ukulondolo­za imali.

“I-ANC kufanele iqinisekis­e ukuthi iposi liyadlondl­obala ngokuthi lisetshenz­iswe njengamabh­ange amakhulu. Amazwe amaningi okuhlangan­isa iChina anamabhang­e ombuso nathi kufanele sibe nebhange lombuso eNingizimu Afrika,” kusho uMthembu.

Ukhale nangokubiz­a kwe-data eNingizimu Afrika, wathi kufanele yehle.

“Ngeke siluzibe udaba lwe-data ngoba sifuna yehle. Sizoluphak­amisa udaba lwayo engqungqut­heleni yangesonto elizayo.

“I-Icasa ithe izindleko zokufona mazehle zisuka ku-R2.85 ziye ku-R0.66cents. Isematasa nokulwa nezinkampa­ni zamaselula ukuthi zehlise i-data. Sizofaka ingcindezi nathi ngoba siyifuna yehlisiwe. Akumele abantu bakithi bavinjelwe ukungena kwi-internet ngenxa yokumba eqolo kwe-data,” kusho uMthembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa