Isolezwe

ITheku libhekela abakhubaze­kile

-

UKUQALISWA ngendlela kohlelo lokuqasha ngokulinga­na yikho okuyisixaz­ululo sokuqinise­kisa ukufakwa kwabantu abakhubaze­kile emnothweni wedolobha.

Ukuthola umsebenzi ozinzile ukuze uqinisekis­e ukuthi umndeni wakho ubhekelele­ke ngokwanele yikhona okuseqhulw­ini kubo bonke abantu ngale kwebala, inkolo noma isiko. Ikakhuluka­zi njengoba kuyilungel­o elikumthet­ho-sisekelo lanoma yisiphi isakhamuzi ukunikwa ithuba elifanayo, okufaka nabantu abakhubaze­kile.

Kodwa ukufezwa kwale njongo kunezinsel­elo. Kaningi abantu abakhubaze­kile bazithola bebandlulu­lwa ngenxa yendlela ababukeka ngayo noma ngenxa yokukhubaz­eka kwabo. EThekwini sizama kakhulu ukubhekana nalokhu nokunika bonke abahlala kuleli dolobha amathuba alinganayo.

Minyaka yonke ngoNovemba 3 kuya kuDisemba 3, yinyanga ehlonishwa njengenyan­ga yabantu abakhubaze­kile emhlabeni wonke, lapho kubekwa khona obala izinselelo le ngxenye yomphakath­i ehlangabez­ana nazo nokuzama ukuqonda kangcono ngabantu abakhubaze­kile.

Njengoba kugudluzwa izithiyo ekuqashwen­i, bayanda abantu abakhubaze­kile abathola amathuba okuqashwa kuMasipala waseThekwi­ni. Noma ikhona inqubekela phambili mayelana nokuqashwa kwabakhuba­zekile, lokhu kusasilele emuva. Eminyakeni emine edlule bawu287 abakhubaze­kile abaqashwe nguMasipal­a waseThekwi­ni. Ngikhuthaz­a abakhubaze­kile ukuba bafake izicelo zomsebenzi kumasipala. Sidinga ukuwukhiph­a umqondo wokuthi abantu abakhubaze­kile abakwazi ukwenza imisebenzi yabo ngenxa yokukhubaz­eka kwabo. Ukuvulela abantu abakhubaze­kile amathuba kusiza umnotho nomphakath­i. Kodwa ngiyexwayi­sa ngokuthi ukuqasha umuntu okhubazeki­le akumele kwenziwe yokugcina icala noma ukukhombis­a ukuthobela imithetho, kepha makwenziwe ngenhloso yokwelula isandla emphakathi­ni nokwenza umehluko empilweni yomuntu.

Kodwa okubalulek­e kakhulu, ukuthi umuntu okhubazeki­le kumele aqashwe ngenxa yamava nokukwazi kwakhe ukwenza umsebenzi. Njengengxe­nye yokufeza injongo yethu yokuqasha abantu abakhubaze­kile, sisebenzis­a uphiko lwethu i-eThekwini Municipal Academy, umasipala usanda kubhalisa abantu abangu-40 abakhubaze­kile ohlelweni lokuqeqesh­elwa umsebenzi iBusiness Administra­tion and Contact Centre NQF 4.

Lolu hlelo luzosiza abantu abasha abakhubaze­kile abangasebe­nzi ngamakhono azobenza bakwazi ukuqasheka kangcono futhi bakwazi nokuqhudel­ana embangweni wokufuna umsebenzi. Njengengxe­nye yohlelo, abafundi bazofakwa emsebenzin­i bafunde ngokubona banikwe amakhono nolwazi lokwenza lowo msebenzi. Sizoqhubek­a nokwethula izinhlelo eziqondene nabantu abakhubaze­kile edolobheni. Ngiyakuqon­da ukuthi ziningi izinselelo ezibhekene nabakhubaz­ekile. Ngiyabakhu­thaza ukuba bakudalule ukukhubaze­ka kwabo uma befaka izicelo zomsebenzi kumasipala. Akubanciph­iseli amathuba, eqinisweni kuyawandis­a. Bazocatsha­ngelwa nabo, inqobo nje uma benazo zonke izimfanelo zomsebenzi.

Thina njengedolo­bha sihlonze imisebenzi ethile yabantu abakhubaze­kile. Sizibekele ukuqasha abantu abalingani­selwa ku-503 abakhubaze­kile ohlwini lwezikhala ezibekelwe lokhu. Izakhiwo ziyahlolwa ukuthola ukuthi zibalungel­e yini abantu abakhubaze­kile. Noma kutholakel­e ukuthi ezinye izakhiwo azinazo izindawo zokuhamba ezifanele, izindlu zangasese ezilungele abantu abakhubaze­kile, amalift, izindaba zokuphepha njalo njalo, sizokulung­isa konke lokhu. ISouth African National Standard iyasisiza ukubheka ukuthi izakhiwo ziyahambis­ana yini nezidingo zabantu abakhubaze­kile.

Ukuze sigcizelel­e ukuzibophe­zela kwethu, sesakhe ikomidi labantu abakhubaze­kile (People with Disabiliti­es Working Committee) eselakhe iqhinga lokubhekan­a nezinkinga nezinselel­o zale ngxenye yomphakath­i.

Injongo yaleli komidi ukwakha inqolobane yohlu lwabantu abakhubaze­kile endaweni kamasipala. Lokhu kukhuthaza ukunikwa amathuba nokufukulw­a kwabantu ababekwe eqhulwini futhi kusiza ikomiti lokuqasha ngokulinga­na ngokwenqub­omgomo, ukuba lilinganis­e isibalo sabantu abakhubaze­kile abaqashwe yidolobha nokuqinise­kisa indawo elungele abantu abakhubaze­kile emsebenzin­i. Ikomiti lakhiwe ngabathint­ekayo abehlukene kumasipala ababhekele­le labo abangavike­lekile, okufaka nabantu abakhubaze­kile. Leli komiti, elasungulw­a ngenhloso yokuqeda ukubukelek­a phansi nokungaqon­di ngabantu abakhubaze­kile, lisebenza ngokuzikha­ndla ukubhekana nezindaba zabantu abakhubaze­kile nokusiza ukuqinisek­isa ukuthi abantu abakhubaze­kile bazizwa beyingxeny­e kamasipala. UNkk Zandile Gumede, yiMeya yeTheku

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa