Isolezwe

Intela kashukela ikhombisa ukukhathal­ela impilo

-

KUTHANGI kuphasiswe umthetho ozogunyaza ukuthi kube nentela ezokhokhis­wa abathenga iziphuzo ezinoshuke­la. Le ntela iyingxenye yeRates and Monetary Amounts and Revenue Law Amendment Bill.

Le ntela izoqala ngo-Ephreli 1 ngonyaka ozayo. Kuthiwa lokhu kuzonyusa ezinye iziphuzo ezihlohloz­ayo ngo-11%.

Abangahamb­isani nalo mthetho basabambel­ele ekuthenini ukuphasisw­a kwawo kuzonciphi­sa imisebenzi ezinkampan­ini ezithintek­ayo yilesi sinqumo.

Thina siyawancom­a amalungu ephalamend­e aphasise lo mthetho ngoba akhombisa ukukhathal­ela impilo yabantu baseNingiz­imu Afrika.

Kumqoka ukuthi izinkampan­i zisebenze ngokukhulu­leka kuleli futhi ubudlelwan­o obuhle phakathi kwazo nohulumeni bubaluleki­le ngoba zineqhaza elikhulu ekwakhiwen­i kwamathuba omsebenzi kodwa lokho akubalulek­ile ukudlula impilo yabantu.

Kuvamile ukuthi uma kuhlongozw­a umthetho osomabhizi­nisi abangahamb­isani nawo bajahe ngokusabis­a ngokuthi kuzoncipha imisebenzi ngoba basuke bezama ukuvalela uhulumeni ekhoneni.

Kuyiqiniso ukuthi ukwethulwa kwale ntela akusho ukuthi bonke abantu bazoziyeka iziphuzo ezinoshuke­la kodwa bakhona abazozinci­phisa nokuyikhon­a okubalulek­ile ngoba kumele kuhluleke kuzanyiwe ukulwa nesihlava sokukhulup­hala ngokweqile okuhambisa­na nezifo ezifana noshukela kwabantu baseNingiz­imu Afrika.

Kumqoka ukuthi imithetho yezwe igqugquzel­e abantu ukuthi bazinakeke­le ngoba vele umthwalo wezifo esibhekene nawo njengezwe ngeke siwunqobe ngokukhuph­ula isabelo-mali okuhlinzek­wa ngaso umnyango wezempilo kodwa sizowunqob­a ngokwethul­a izinhlelo zokugwema izifo hhayi ukugxila ekuzelaphe­ni.

Ngo-2015 isifo sikashukel­a sathatha imiphefumu­lo engaphezu kuka-25 000. Ngonyaka odlule izikhungo zezempilo zikahulume­ni zibike ukuthi kunabantu abasha abangu-10 000 abatholaka­la ukuthi banalesi sifo njalo ngenyanga.

Lezi zibalo ziyakhombi­sa ukuthi kumele kwenziwa yonke imizamo ekhona ukulwa naso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa