Ubukeka engenankinga uma lize lishone singezwani
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngineminyaka emibili ngiganiwe. Okusixabanisayo nonkosikazi wami ukuthi mina angikwazi ukulala uma kunenkinga engaxazululiwe. IBhayibheli liyasho ukuthi ilanga lingashoni nisathukuthelene. Yena kubukeka sengathi akanankinga nokuhlala nenkinga ingaxazululiwe. Senze njani ukuze sizwane ngalolu daba?
Muzi, eSikhaleni Impendulo: Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi akukuhle ukuhlala ningaboni ngasolinye emshadweni. Kufanele nenze ngakho konke ukukhuluma ngezinkinga zenu ngenhloso yokuzixazulula.
Kusuke kukhona okungahambi kahle emshadweni uma nihlezi nivumelana ngakho konke. Nikhumbule ukuthi akulona ihlazo uma ningakwazi ukuxazulula zonke izinkinga zenu. Vele, ngeke kubenjalo. Okubalulekile ukuthi noma ningavumelani kodwa kube khona ukuhloniphana nokwehlisa imimoya uma kwenzeke naphikisana ngemibono.
Kungcono umunike ithuba umkakho lokwehlisa umoya ngaphambi kokuthi ufune ukuthi niluxoxe udaba. Zibhekisise nawe ukuthi uma ufuna nixoxa usuke usesimweni esinjani. Akumele ufune ukuxoxa kodwa nawe amaphaphu esephezulu ngoba loko kuzomenza angathandi ukuluxoxa udaba. Umbuzo: Ngihlezi ngiba nenkinga ngamaholidi kaDisemba. Umyeni wami uhlezi efuna sivakashe ngamaholidi kaKhisimusi. Unina nodadewabo abangifuni nhlobo futhi abakufihli lokhu. Uma sengifikile ngisetshenziswa okwesigqila, odadewabo beshaywa umoya nje. Igama ligodliwe,
eThekwini Impendulo: Uthini umyeni wakho ngokwenzeka kuwena uma uvakashele kubo? Uyakubona konke loku? Sibona ukuthi akekho umuntu ongajabula ngokuhlukunyezwa kwesithandwa sakhe. Futhi uyena umuntu okumele akhulume nomndeni wakhe. Akekho umuntu okumele ahlukunyezwe noma ngabe ungumakoti. Ukuvakashela kwabasemzini ngeke ukubalekele ngoba sebewumndeni wakho. Okubalulekile wukuthi umyeni wakho akuvikele kubona ngokuthi akhulume nabo ngendlela abakuphethe ngayo ukuze nilulungise udaba ningumndeni. Khuluma naye nizwane ukuthi nani emshadweni wenu seniwumndeni manje. Nani kufanele nifinyelele la nenza khona izinto ngendlela enifisa ngayo ningumndeni. Umbuzo: Uyise womntwana wami akanaso nhlobo isikhathi sethu. Usithumelela imali nje kuphela kodwa akazihluphi ngokunye.
Ngigcina ngokuthola imiyalezo yakhe ku-WhatsApp esibheka ukuthi siyaphila yini kuphele lapho. Sengiye kabili kuphela la ehlala khona seloku waqala lo nyaka. Uke wasikhipha ngenyanga edlule sayodla ngaphandle wasibuyisa wasiyisa ekhaya lethu emva kwaloko.
Benginethemba elikhulu ukuthi uzosiyisa lapho ehlala kodwa lutho. Ngibona sengathi sengihlalele imali nje kuphela, yena akasekho othandweni. Igama ligodliwe,
eScottburg Impendulo: Uyise womntwana wakho akenzisi okomuntu okusengathi nisathandana. Kubukeka sengathi uyamuthanda umntwana wenu kodwa okungasho ukuthi nisathandana.
Alikho iphutha ekumbuzeni ukuthi kungabe nisathandana yini na?
Kuyamangaza ukuthi kulo nyaka wonke nisavakashelane kanye nje kuphela. Kubantu abathandanayo akwenzeki ngaleyo ndlela. Cela isikhathi nilukhulume lolu daba lwenu uzwe ngaye ukuthi kwenzekani phakathi kwenu. Kuyenzeka kwezinye izikhathi uzitshela ukuthi niyahambisana nomuntu kanti cha.
Kubukeka sengathi unempilo yakhe engakufaki wena nomntwana wenu kodwa uyakuhlonipha ngokuthi awukaze uzwe lutho ngakwenzayo ngaphandle. Umbuzo: Umyeni wami ukhala kakhulu kulezi zinsuku ukuthi angizinakekeli. Angazi ukuthi sekufanele umuntu enze njani ngoba ngigeza kabili ngosuku, ngiyaxubha njalo nasekhaya kuhlezi kuhlanzekile. Muva nje ukhala ngezingubo engizigqokayo ukuthi zingenza ngibukeke okwesalukazi. Sinezidingo eziningi la ekhaya ezidinga imali. Sinezingane futhi ingxenye eningi yomholo wami nginakekela ngayo abazali bami. Angifuni aphelelwe uthando lwami. Imali ilingene izidingo esinazo njengamanje.
Philisiwe, eMadadeni Impendulo: Ukuzithanda nokubukeka kahle akudingi imali esikhathini esiningi. Ibhekisise into ayishoyo umyeni wakho. Kungenzeka ukuthi ngoba unezidingo eziningi zemali usuze wakhohlwa ukuzinakekela wena uqobo. Ibhekisise indlela ogqoka ngayo, ungaziyekeli nje ungumuntu wesifazane.
Zama ukuzithengela iziqholo ezithize ukuze unuke ngendlela ungumuntu wesifazane. Kuhle ukugeza kabili kodwa futhi kuhle nokunuka kahle uma usugezile. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphindi. com