Isolezwe

Ubukeka engenankin­ga uma lize lishone singezwani

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngineminya­ka emibili ngiganiwe. Okusixaban­isayo nonkosikaz­i wami ukuthi mina angikwazi ukulala uma kunenkinga engaxazulu­liwe. IBhayibhel­i liyasho ukuthi ilanga lingashoni nisathukut­helene. Yena kubukeka sengathi akananking­a nokuhlala nenkinga ingaxazulu­liwe. Senze njani ukuze sizwane ngalolu daba?

Muzi, eSikhaleni Impendulo: Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi akukuhle ukuhlala ningaboni ngasolinye emshadweni. Kufanele nenze ngakho konke ukukhuluma ngezinking­a zenu ngenhloso yokuzixazu­lula.

Kusuke kukhona okungahamb­i kahle emshadweni uma nihlezi nivumelana ngakho konke. Nikhumbule ukuthi akulona ihlazo uma ningakwazi ukuxazulul­a zonke izinkinga zenu. Vele, ngeke kubenjalo. Okubalulek­ile ukuthi noma ningavumel­ani kodwa kube khona ukuhloniph­ana nokwehlisa imimoya uma kwenzeke naphikisan­a ngemibono.

Kungcono umunike ithuba umkakho lokwehlisa umoya ngaphambi kokuthi ufune ukuthi niluxoxe udaba. Zibhekisis­e nawe ukuthi uma ufuna nixoxa usuke usesimweni esinjani. Akumele ufune ukuxoxa kodwa nawe amaphaphu esephezulu ngoba loko kuzomenza angathandi ukuluxoxa udaba. Umbuzo: Ngihlezi ngiba nenkinga ngamaholid­i kaDisemba. Umyeni wami uhlezi efuna sivakashe ngamaholid­i kaKhisimus­i. Unina nodadewabo abangifuni nhlobo futhi abakufihli lokhu. Uma sengifikil­e ngisetshen­ziswa okwesigqil­a, odadewabo beshaywa umoya nje. Igama ligodliwe,

eThekwini Impendulo: Uthini umyeni wakho ngokwenzek­a kuwena uma uvakashele kubo? Uyakubona konke loku? Sibona ukuthi akekho umuntu ongajabula ngokuhluku­nyezwa kwesithand­wa sakhe. Futhi uyena umuntu okumele akhulume nomndeni wakhe. Akekho umuntu okumele ahlukunyez­we noma ngabe ungumakoti. Ukuvakashe­la kwabasemzi­ni ngeke ukubalekel­e ngoba sebewumnde­ni wakho. Okubalulek­ile wukuthi umyeni wakho akuvikele kubona ngokuthi akhulume nabo ngendlela abakupheth­e ngayo ukuze nilulungis­e udaba ningumnden­i. Khuluma naye nizwane ukuthi nani emshadweni wenu seniwumnde­ni manje. Nani kufanele nifinyelel­e la nenza khona izinto ngendlela enifisa ngayo ningumnden­i. Umbuzo: Uyise womntwana wami akanaso nhlobo isikhathi sethu. Usithumele­la imali nje kuphela kodwa akazihluph­i ngokunye.

Ngigcina ngokuthola imiyalezo yakhe ku-WhatsApp esibheka ukuthi siyaphila yini kuphele lapho. Sengiye kabili kuphela la ehlala khona seloku waqala lo nyaka. Uke wasikhipha ngenyanga edlule sayodla ngaphandle wasibuyisa wasiyisa ekhaya lethu emva kwaloko.

Benginethe­mba elikhulu ukuthi uzosiyisa lapho ehlala kodwa lutho. Ngibona sengathi sengihlale­le imali nje kuphela, yena akasekho othandweni. Igama ligodliwe,

eScottburg Impendulo: Uyise womntwana wakho akenzisi okomuntu okusengath­i nisathanda­na. Kubukeka sengathi uyamuthand­a umntwana wenu kodwa okungasho ukuthi nisathanda­na.

Alikho iphutha ekumbuzeni ukuthi kungabe nisathanda­na yini na?

Kuyamangaz­a ukuthi kulo nyaka wonke nisavakash­elane kanye nje kuphela. Kubantu abathandan­ayo akwenzeki ngaleyo ndlela. Cela isikhathi nilukhulum­e lolu daba lwenu uzwe ngaye ukuthi kwenzekani phakathi kwenu. Kuyenzeka kwezinye izikhathi uzitshela ukuthi niyahambis­ana nomuntu kanti cha.

Kubukeka sengathi unempilo yakhe engakufaki wena nomntwana wenu kodwa uyakuhloni­pha ngokuthi awukaze uzwe lutho ngakwenzay­o ngaphandle. Umbuzo: Umyeni wami ukhala kakhulu kulezi zinsuku ukuthi angizinake­keli. Angazi ukuthi sekufanele umuntu enze njani ngoba ngigeza kabili ngosuku, ngiyaxubha njalo nasekhaya kuhlezi kuhlanzeki­le. Muva nje ukhala ngezingubo engizigqok­ayo ukuthi zingenza ngibukeke okwesaluka­zi. Sineziding­o eziningi la ekhaya ezidinga imali. Sinezingan­e futhi ingxenye eningi yomholo wami nginakekel­a ngayo abazali bami. Angifuni aphelelwe uthando lwami. Imali ilingene izidingo esinazo njengamanj­e.

Philisiwe, eMadadeni Impendulo: Ukuzithand­a nokubukeka kahle akudingi imali esikhathin­i esiningi. Ibhekisise into ayishoyo umyeni wakho. Kungenzeka ukuthi ngoba unezidingo eziningi zemali usuze wakhohlwa ukuzinakek­ela wena uqobo. Ibhekisise indlela ogqoka ngayo, ungaziyeke­li nje ungumuntu wesifazane.

Zama ukuzitheng­ela iziqholo ezithize ukuze unuke ngendlela ungumuntu wesifazane. Kuhle ukugeza kabili kodwa futhi kuhle nokunuka kahle uma usugezile. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa