Isolezwe

Abaqotho bayabulawa kwi-ANC

-

MHLELI: Sengibuke okuningi ngohulumen­i we-ANC. Kuthe uma ngingalubo­ni ushintsho ekuthuthuk­iseni amabhizini­si abantu abamnyama ngabheka umthethosi­sekelo ukuthi uthini. Ngithole ukuthi kumele uhulumeni ngaphambi kokubeka noma ukushintsh­a umthetho ayobheka ikhasi 13 isigaba 217 (a no-b) kodwa abakwenzi loko.

Amabhizini­si abamnyama ayahluleka ayawa ngenxa yokuthi uhulumeni kaKhongolo­se usuthatha idlanzana lamabhizin­isi abamnyama nawezizwe bese esebenza nawo iminyaka emithathu kuya kwemihlanu, wena owenza imisebenzi efanayo ongafakwan­ga awubi nandlela yokusebenz­a.

Sekuyisikh­athi sokuthi sikhombise osopolitik­i ukuthi nathi sinawo amandla noma efika kanye emuva kweminyaka emihlanu. Yisiphi isidingo sokuyovota ngo-2019? Le nkinga singayilun­gisa ngokukhiph­a leli qembu lethu kuhulumeni ukuze libuye nabaholi abasha ngokhetho olulandela­yo. Abakhona manje sebeboshiw­e ngoba uma kungena elinye liyophenya konke obekwenzek­a bafakwe ejele okutholaka­la ukuthi bebenenkoh­lakalo.

Mina engikuqaph­elile ukuthi uma uyilungu le-ANC ungathi usuphumele­le empilweni, ungathi sigcono kunamanye amaqembu. Sekwaba yifeshini ukuba yilungu likaKhongo­lose. Ovotela uKhongolos­e akabuke kahle abuke amathenda ukuthi aphuma kanjani futhi atholwa obani bese uzibuza ukuthi uyoke uyithole yini wena. Abaholi abaqotho, abalwa nabakhohla­kele bayabulawa futhi ababoshwa ababulali. Bakhona abaholi abaqotho kw-ANC nabathembe­kile kodwa bayaxoshwa, bacindezel­we abakwazi ukusivikel­a. Nathi mphakathi ake sifunde ukuzifundi­sa imithetho kunokuhlal­a koFacebook. Asiligodle ivoti lethu ngoba sekuyafana nesikhathi sobandlulu­lo la umuntu omnyama ayengakwaz­i ukusebenza nohulumeni. Themba Dlamini

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa