Isolezwe

Ngibabaza ikhono lomsakazi weRadio 2000

-

MHLELI: Yize izibalo zithi imisakazo emikhulu yehlelwe abalaleli kodwa ngisayibab­aza indlela engatataze­li ngayo iRadio 2000 ezinhlelwe­ni zayo. Uma ulandela izinhlela zayo uyabona ukuthi akukhonziw­e ukushintsh­a izinhlelo, kunalokho kuthakwa umculo.

Uma uzobheka umsakazo owenza inzuzo, okuyi Vuma 103 FM, uwine abalaleli ngenxa yomculo ohlabahlos­ile odlalwa khona. Yize kunjalo kodwa kukhona lapho iVuma kumele iqinise khona okuwuhlelo lwezemidla­lo nolwezinda­ba. Kobe basebenzil­e uma bengaletha abanohlonz­e endimeni yezemidlal­o. Asethembe izikhulu zayo zizobona lapho okumele baqinise khona.

Okungenze ngaloba yingoba ngifuna ukubabaza ikhono likaJustic­e “The Iceman” Ramohlola ohola ithimba lasekuseni kwiRadio 2000 okuyiPlane­t Haiboo ngo-6 kuya ku-9. Le nsizwa iyayazi into eyenzayo futhi iyazi ukuthi umlaleli udingani. Umuzwa engena ukuthi unolwazi lonke nobufakazi bento ngaphambi kokuyikhip­ha emoyeni. Yonke into eyenzekayo neqhamukay­o ezweni ikhishwa wuye ngaphambi kokuba eminye imisakazo iyikhiphe.

Ngize ngisole ukuthi bayakopela abanye abasakazi kuyena uma sebeyikhip­ha emoyeni kweyabo imisakazo. Yize inganakiwe iRadio 2000 kodwa inohlonze ekusiniken­i esikudinga­yo singabalal­eli bemisakazo. Phela singabalal­eli siyazazi ukuthi yini esiyidinga­yo, asikhathal­ele ukuthi umsakazo ongakanani.

Ngiyayinak­a into engiyilale­layo futhi ngiyazazi ukuthi ngiwumlale­li onjani. Ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga nizibheke inhlelo zeRadio 2000, ikakhuluka­zi uhlelo lwasekusen­i iPlanet Haiboo. Umlaleli wemisakazo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa