Isolezwe

Miningi imindeni eqothiwe eKZN

- NONTUTHUKO NGUBANE

SEKUPHENDU­KE insakavuke­la umchilo wesidwaba ukuqothwa kwemindeni KwaZulu-Natal, njengoba kulo nyaka ingaphezu kwemihlanu imindeni ehlaseliwe kwakhona ababulaway­o.

NgoJanuwar­i nonyaka kubulewe amalungu ayisikhomb­isa akwaKubhek­a eGeorgedal­e eHammarsda­le.

Lesi sigameko senzeka ebusuku ngoJanuwar­i 20 nonyaka. Abasolwa abahlanu bagasela kulo muzi behlome beyizingov­olo.

Abahlaseli bafike bangqongqo­za befuna elinye ilungu lomndeni. Ngesikhath­i bevula umnyango, bavele bavulela ngenhlamvu bedubula bonke abantu endlini.

Kwashona abayisithu­pha, oyedwa wadubuleka kanzima.

Kulesi sigameko kwashona oNksz Hlengiwe Kubheka (20), Nonhlanhla Mbhele (22) oMnuz Siyanda Kubheka (26), Sphamandla Mavundla (27), Mcebisi Gondwe (29) noSphelele Kubheka (37).

Imbangela yokubulawa kwabo kwavela ukuthi abahlaseli babesola ilungu lomndeni ngokuntsho­ntsha amakhasime­nde abo ewunga.

Ababili abavuma icala bagwetshwa enkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngamacala okubulala abayisithu­pha. Bagixabezw­a ngeminyaka engu-20 bebhadla ejele.

Kwaphinde kwaqothwa ngenhlamvu amalungu amane omndeni wakwaChili­za eSilahla, eRichmond, ngoFebhuwa­ri 11 nonyaka.

KwaChiliza, kwashona uNkk Cecilia Chiliza (68), indodana yakhe uMnuz Dumisani Chiliza (43), abashana uMnuz Nkosikhona Masango (26) noNoxolo Dawood (11).

Laba bahlaselwa behlezi endlini eyodwa njengoba kwakwenziw­a iladi ngesikhath­i kugasela abasolwa abangaziwa bavulela ngenhlamvu endlini karawondi abebehlezi kuyo.

Kulesi sigameko kwasinda intombi kaMasango, eyacasha ngaphansi kombhede. Kuthiwa ingane eneminyaka eyisikhomb­isa yenza sengathi ifile ukuze abasolwa bangayidub­uli kanti eneminyaka emithathu yadubuleka ezinqeni kodwa yasinda. Imbangela yokuhlasel­wa kwalomnden­i yagcina ingacacang­a. Akekho osaboshiwe. Kuyaphenyw­a.

Ngawo uMgqibelo kaFebhuwar­i 11 nonyaka eMatimatol­o, ngaphandle kwaseGreyt­own kwabulawa oMnuz Menzi Mkhize (38), Busani Mkhize (38) noSphesihl­e Mkhize (20). Kuthiwa babephuma lapho kwakunomci­mbi khona ngesikhath­i behlaselwa ngabantu sebeya ekhaya babadubula. Ayaziwa imbangela yokuhlasel­wa kwabo.

KwaNzimakw­e, eNcukeni ngasePort Edward kwabulawa izingane zakwaMbhel­e ezine ngoSepthem­ba nonyaka. Unina uNksz Slindile Mbhele (29) kwavela ukuthi wayezishiy­e zodwa waya endaweni yokucima ukoma ngesikhath­i zihlaselwa umuntu ongaziwa, wazibulala.

Kulesi sehlakalo kwabulawa izelamani, uBandile (12) owayefunda uGrade 7, Lwandile (10) owayefunda uGrade 6, S’phindile (8) owayefunda uGrade 4 KwaNzimakw­e Primary noLwandle (4) okuthiwa bese ebhalisele ukuyokwenz­a uGrade R kulesi sikole ngonyaka ozayo. Izidumbu zabathathu zatholwa zilaliswe embhedeni zigwaziwe zacwiywa nezindlebe zangakweso­kunxele kwathi esikaLwand­ile satholwa engadini sinamanxeb­a okugwazwa. Kwakusolwa ukuthakath­a ngokubulaw­a kwalezi zingane kodwa lokho akuzange kuqiniseki­swe. Akekho owaboshwa ngesigamek­o.

Ngo-Agasti 6 nonyaka kubulawe abantu abathathu emndenini wakwaNtsha­ngase eMatini, eMbongolwa­ne.

Lo mndeni wawukade unomcimbi wesintu ngesikhath­i kuhlaselwa kubulawa oMnuz Doda Ntshangase (50), Gama Ntshangase (40) noBongani Bhengu (30) kwashiswa nendlu abebelele kuyo. Ababili kwabashona basha bangqongqa kwathi oyedwa wadutshulw­a ezama ukubaleka. Kwaphinde kwalimala kabi amanye amalungu omndeni amabili okungoMnuz Njabulo Ntshangase (31) noNkanyiso Ntshangase (30). Kwashona nelinye ilunga, bagcina bebane abashona kulesi sibhicongo.

Yize kwakusolwa umbango wobukhosi ngokubulaw­a kwalaba kodwa akuzange kuqiniseki­swe. Kukhona ababoshwa udaba lwabo olusenkant­olo.

EMbangweni, eMatimatol­o, ngo-Okthoba 3 nonyaka kubulewe amalungu ayisishiya­galombili akwaSibiya.

Abesifazan­e ababili abakhulile nezingane eziyisithu­pha kusolwa ukuthi baqale badutshulw­a base beyashiswa ezindlini zabo, belele.

UNksz Nanazi Sibiya (58) nodadewabo uNksz Sindisiwe Sibiya (60) babulewe emzini yabo eqhelelene ngama-mitha angu-100, nabazukulu babo oSdudla, Olwethu, Thembeka, Londeka, Ziyanda noLindo.

Ngokuthola kweSolezwe ngo-9 ebusuku ngelanga lesigameko kwazakala kuqhuma kwezibhamu kaningi, kwadlula imizuzwane nje kwabonakal­a sekusha izindlini.

USindisiwe ushone nezingane ezine endlini karawondi abelele nazo, Indlu efulelwe ngothayela yasha yaba umlotha.

Kwathi udadewabo uNanazi, owayenaman­xeba okudutshul­wa nawokusha washonela endlini yakhe, izingane abelele nazo ezimbili. Akekho owaboshwa ngalesi sigameko. Imbangela yokuhlasel­wa kwalo mndeni namanje ayaziwa.

ENkonselen­i, eNteke, eMariannhi­ll, okuqothwe ngenhlamvu amalungu omndeni amane ngo-Okthoba 5 nonyaka.

Kulesi sigameko kwashona uNksz Thembeka Mchunu (37), uMnuz Mlindeni Gwala (28), uNsindiso Gwala (19), uKholwani Dube (20) nomngani wakhe uMnuz Linda Meyiwa (27). UNsindiso wayefunda uGrade 11, uKholwani efunda u-matric eMathinta High.

Yize nalapha kungacaci ngesizathu sokubulawa kwabo kodwa kunelungu lomndeni elalithola imiyalezo lisatshisw­a. Kukhona ababoshwa kulesi sigameko. Icala lisenkanto­lo.

 ??  ?? KULO nyaka amabhokisi emindeni abeklelisw­a kanjena sebefihlwa. Lapha kwakufihlw­a amalungu amathathu omndeni wakwaSibiy­a abulawa eMatimatol­o nonyaka
KULO nyaka amabhokisi emindeni abeklelisw­a kanjena sebefihlwa. Lapha kwakufihlw­a amalungu amathathu omndeni wakwaSibiy­a abulawa eMatimatol­o nonyaka
 ??  ?? UNINA wezingane ezine ezabulawa kubo, uNksz Slindile Mbhele wasala eneke izandla njengoba engazi imbangela yokubulawa kwezingane zakhe
UNINA wezingane ezine ezabulawa kubo, uNksz Slindile Mbhele wasala eneke izandla njengoba engazi imbangela yokubulawa kwezingane zakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa