Miningi imindeni eqothiwe eKZN
SEKUPHENDUKE insakavukela umchilo wesidwaba ukuqothwa kwemindeni KwaZulu-Natal, njengoba kulo nyaka ingaphezu kwemihlanu imindeni ehlaseliwe kwakhona ababulawayo.
NgoJanuwari nonyaka kubulewe amalungu ayisikhombisa akwaKubheka eGeorgedale eHammarsdale.
Lesi sigameko senzeka ebusuku ngoJanuwari 20 nonyaka. Abasolwa abahlanu bagasela kulo muzi behlome beyizingovolo.
Abahlaseli bafike bangqongqoza befuna elinye ilungu lomndeni. Ngesikhathi bevula umnyango, bavele bavulela ngenhlamvu bedubula bonke abantu endlini.
Kwashona abayisithupha, oyedwa wadubuleka kanzima.
Kulesi sigameko kwashona oNksz Hlengiwe Kubheka (20), Nonhlanhla Mbhele (22) oMnuz Siyanda Kubheka (26), Sphamandla Mavundla (27), Mcebisi Gondwe (29) noSphelele Kubheka (37).
Imbangela yokubulawa kwabo kwavela ukuthi abahlaseli babesola ilungu lomndeni ngokuntshontsha amakhasimende abo ewunga.
Ababili abavuma icala bagwetshwa enkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngamacala okubulala abayisithupha. Bagixabezwa ngeminyaka engu-20 bebhadla ejele.
Kwaphinde kwaqothwa ngenhlamvu amalungu amane omndeni wakwaChiliza eSilahla, eRichmond, ngoFebhuwari 11 nonyaka.
KwaChiliza, kwashona uNkk Cecilia Chiliza (68), indodana yakhe uMnuz Dumisani Chiliza (43), abashana uMnuz Nkosikhona Masango (26) noNoxolo Dawood (11).
Laba bahlaselwa behlezi endlini eyodwa njengoba kwakwenziwa iladi ngesikhathi kugasela abasolwa abangaziwa bavulela ngenhlamvu endlini karawondi abebehlezi kuyo.
Kulesi sigameko kwasinda intombi kaMasango, eyacasha ngaphansi kombhede. Kuthiwa ingane eneminyaka eyisikhombisa yenza sengathi ifile ukuze abasolwa bangayidubuli kanti eneminyaka emithathu yadubuleka ezinqeni kodwa yasinda. Imbangela yokuhlaselwa kwalomndeni yagcina ingacacanga. Akekho osaboshiwe. Kuyaphenywa.
Ngawo uMgqibelo kaFebhuwari 11 nonyaka eMatimatolo, ngaphandle kwaseGreytown kwabulawa oMnuz Menzi Mkhize (38), Busani Mkhize (38) noSphesihle Mkhize (20). Kuthiwa babephuma lapho kwakunomcimbi khona ngesikhathi behlaselwa ngabantu sebeya ekhaya babadubula. Ayaziwa imbangela yokuhlaselwa kwabo.
KwaNzimakwe, eNcukeni ngasePort Edward kwabulawa izingane zakwaMbhele ezine ngoSepthemba nonyaka. Unina uNksz Slindile Mbhele (29) kwavela ukuthi wayezishiye zodwa waya endaweni yokucima ukoma ngesikhathi zihlaselwa umuntu ongaziwa, wazibulala.
Kulesi sehlakalo kwabulawa izelamani, uBandile (12) owayefunda uGrade 7, Lwandile (10) owayefunda uGrade 6, S’phindile (8) owayefunda uGrade 4 KwaNzimakwe Primary noLwandle (4) okuthiwa bese ebhalisele ukuyokwenza uGrade R kulesi sikole ngonyaka ozayo. Izidumbu zabathathu zatholwa zilaliswe embhedeni zigwaziwe zacwiywa nezindlebe zangakwesokunxele kwathi esikaLwandile satholwa engadini sinamanxeba okugwazwa. Kwakusolwa ukuthakatha ngokubulawa kwalezi zingane kodwa lokho akuzange kuqinisekiswe. Akekho owaboshwa ngesigameko.
Ngo-Agasti 6 nonyaka kubulawe abantu abathathu emndenini wakwaNtshangase eMatini, eMbongolwane.
Lo mndeni wawukade unomcimbi wesintu ngesikhathi kuhlaselwa kubulawa oMnuz Doda Ntshangase (50), Gama Ntshangase (40) noBongani Bhengu (30) kwashiswa nendlu abebelele kuyo. Ababili kwabashona basha bangqongqa kwathi oyedwa wadutshulwa ezama ukubaleka. Kwaphinde kwalimala kabi amanye amalungu omndeni amabili okungoMnuz Njabulo Ntshangase (31) noNkanyiso Ntshangase (30). Kwashona nelinye ilunga, bagcina bebane abashona kulesi sibhicongo.
Yize kwakusolwa umbango wobukhosi ngokubulawa kwalaba kodwa akuzange kuqinisekiswe. Kukhona ababoshwa udaba lwabo olusenkantolo.
EMbangweni, eMatimatolo, ngo-Okthoba 3 nonyaka kubulewe amalungu ayisishiyagalombili akwaSibiya.
Abesifazane ababili abakhulile nezingane eziyisithupha kusolwa ukuthi baqale badutshulwa base beyashiswa ezindlini zabo, belele.
UNksz Nanazi Sibiya (58) nodadewabo uNksz Sindisiwe Sibiya (60) babulewe emzini yabo eqhelelene ngama-mitha angu-100, nabazukulu babo oSdudla, Olwethu, Thembeka, Londeka, Ziyanda noLindo.
Ngokuthola kweSolezwe ngo-9 ebusuku ngelanga lesigameko kwazakala kuqhuma kwezibhamu kaningi, kwadlula imizuzwane nje kwabonakala sekusha izindlini.
USindisiwe ushone nezingane ezine endlini karawondi abelele nazo, Indlu efulelwe ngothayela yasha yaba umlotha.
Kwathi udadewabo uNanazi, owayenamanxeba okudutshulwa nawokusha washonela endlini yakhe, izingane abelele nazo ezimbili. Akekho owaboshwa ngalesi sigameko. Imbangela yokuhlaselwa kwalo mndeni namanje ayaziwa.
ENkonseleni, eNteke, eMariannhill, okuqothwe ngenhlamvu amalungu omndeni amane ngo-Okthoba 5 nonyaka.
Kulesi sigameko kwashona uNksz Thembeka Mchunu (37), uMnuz Mlindeni Gwala (28), uNsindiso Gwala (19), uKholwani Dube (20) nomngani wakhe uMnuz Linda Meyiwa (27). UNsindiso wayefunda uGrade 11, uKholwani efunda u-matric eMathinta High.
Yize nalapha kungacaci ngesizathu sokubulawa kwabo kodwa kunelungu lomndeni elalithola imiyalezo lisatshiswa. Kukhona ababoshwa kulesi sigameko. Icala lisenkantolo.