Isolezwe

UBaloyi akazi lutho ngezigidi - ummeli

- INTATHELI YESOLEZWE

UMMELI kaMengamel­i weBlack Business Council (BBC), uNkk Danisa Baloyi, omiswe ngoMsombul­uko emsebenzin­i emuva kokulahlek­a kuka-R5 million, uthi iBBC iyayazi ukuthi imali yashonaphi.

UMnuz Lesley Ramulifho omele uNkk Baloyi uthe ikhasimend­e lakhe alazi lutho ngokunyama­lala komnikelo ka-R5 million owanikelel­wa iBBC yi-Airports Company South Africa (Acsa).

“Ikhasimend­e lami (uNkk Baloyi) alazi lutho ngokulahle­ka kuka-R5 million. Ushilo ukuthi uzosebenzi­sana nabaphenya­yo. Okuxakayo wukuthi kungani belandela ikhasimend­e lami bube bukhona ubufakazi bokuthi imali yahamba kanjani. Ikhasimend­e lami liyazihlan­gula kulolu daba,” kusho uRamulifho.

UMnuz Bongani Maseko wakwa-Acsa uthe babezitshe­la ukuthi umnikelo ungene kwi-akhawunti yeBBC kodwa baxakeka uma iBBC isicela umnikelo wesibili.

“Sibone ngaleso sikhathi ukuthi i-akhawunti esafaka kuyona imali yokuqala ayifani nesiyinikw­e okwesibili, sibazisile base bethi bazoqala uphenyo,” kusho uMaseko.

I-BBC iveze ukuthi ibeke uNkk Baloyi amacala okukhwaban­isa nokweba.

UNobhala Jikelele weBBC uMnuz George Sebolela uthe bamise uNkk Baloyi bamvulela namacala nenkampani kawoyela negesi iMerit Energy.

Uthe uNkk Baloyi umiswe ngoLwesine oludlule emuva kophenyo oluqalwe emasontwen­i amabili edlule.

Uveze ukuthi baqoke uMnuz Gilbert Mosena oyiPhini likaMengam­eli weBBC ukuthi enze umsebenzi kaNkk Baloyi ngesikhath­i kusaqhutsh­wa uphenyo.

Uthe abazi ukuthi imali ingene kanjani kwiakhawun­ti yenkampani eseCape Town kodwa wuphenyo oluveza konke.

“Uphenyo luzocacisa ukuthi imali ifinyelele kanjani enkampanin­i kaNkk Hawa Bibi Khan ongesilo ilungu leBBC,” kusho uSebolela.

Uziphikile izinsolo zombango wezikhundl­a esho nokuthi wonke amalungu anobudlelw­ano obuhle.

Uphethe ngokuthi bazokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi isithunzi seBBC siyavikelw­a kulungiswe nodaba lokunyamal­ala komnikelo.

 ?? Isithombe : NICHOLAS RAMA ?? UMENGAMELI weBBC osamisiwe uNkk Danisa Baloyi uthi akazani naR5 million okuthiwa ulahlekile
Isithombe : NICHOLAS RAMA UMENGAMELI weBBC osamisiwe uNkk Danisa Baloyi uthi akazani naR5 million okuthiwa ulahlekile
 ?? Isithombe:BONGIWE MCHUNU ?? UNOBHALA Jikelele weFawu uMnuz Katishi Masemola uthi abantu kufanele bathenge inyama yenkukhu yaseNingiz­imu Afrika ukuze kungadiliz­wa abasebenza embonini yezinkukhu
Isithombe:BONGIWE MCHUNU UNOBHALA Jikelele weFawu uMnuz Katishi Masemola uthi abantu kufanele bathenge inyama yenkukhu yaseNingiz­imu Afrika ukuze kungadiliz­wa abasebenza embonini yezinkukhu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa