Isolezwe

Bafuna kuboshwe abenyama yenkukhu yangaphand­le

- BONISWA MOHALE

ABEMBONI yenyama yenkukhu eNingizimu Afrika bafuna kushushisw­e izinkampan­i zakwamanye amazwe ezigcwalis­a amaphisisi enkukhu kuleli ekubeni ikhona ekhiqizwa kuleli.

UMnuz Francois Baird ongesinye sezikhulu senhlangan­o elwela imboni yenyama yenkukhu eNingizimu Afrika, iFairPlay, uthe kufanele kube yicala ukulahla amaphisisi ongawading­i kwelinye izwe.

“Amaphisisi akwamanye amazwe abulala imboni yethu ngoba afika eshibhile kwazise awadingeki ezweni lawo asuke esezolahlw­a emakethe yethu. Sisebenzis­ana nemboni yaseGhana yenyama yenkukhu ngoba nayo inenkinga efana neyethu. Sifuna bashushisw­e abalahla amaphisisi e-Afrika,” kusho uBaird.

Uthe bazoqhubek­a nokufaka ingcindezi kohulumeni base-Afrika ukuthi baqiniseki­se ukuncintis­ana okuhle kule mboni.

“Thina uma sithumela inkukhu e-Europe, iEuropean Union inemicikil­isho eminingi okufanele siyilandel­e kodwa thina uhulumeni wethu akanayo leyo mithetho eqinile, uvele abavumele ukuthi balahle amaphisisi abo,” kusho uBaird.

Isikhulu se-South African Poultry Associatio­n uDkt Charlotte Nkuna sithe uhulumeni kufanele abe nentela ephezulu emaphisisi­ni avela kwamanye amazwe ngoba nabo uma bethumela umkhiqizo wabo ezimakethe zomhlaba bayabulawa ngezindlek­o.

Uveze ukuthi amaphisisi akwamanye amazwe yiwona aholela ekudilizwe­ni kwabantu embonini yezinkukhu.

UMnuz Victor Oppong Adjei, onguSihlal­o weGhana National Poultry Associatio­n uveze ukuthi ngaphambi kokuthola amaphisisi angaphandl­e abantu bebedla inkukhu yaseGhana kodwa manje sebekhiqiz­a u-5% kuphela wenkukhu edlilwa kuleliya lizwe.

Uveze ukuthi uma kungaqinis­wa umthetho wokulethwa kwezinkukh­u zaphesheya emazweni ase-Afrika bangaqasha abantu abangu-200 000 kunabangu-10 000 abaqashwe embonini yezinkukhu yaseGhana njengamanj­e.

“Into ebuhlungu wukuthi amazwe angaphansi kwe-European Union, Brazil, United States namanye adayisa izinkukhu zawo emazweni anomnotho ontengayo. Akukho asiza ngakho ukunyusa umnotho wamazwe ase-Afrika ngoba uma elahla amaphisisi ashibhile lapha kusho ukuthi imboni yethu yezenkukhu iyafa. Akekho umuntu ohlomulayo kunalokho sifakwa enhluphekw­eni,” kusho uAdjei.

Uthe bafuna amaphisisi afakwe ilebuli ecacisayo ukuthi akhiqizwe kuliphi izwe, izinkampan­i eziwaletha e-Afrika zikhokhisw­e intela enkulu ngoba zibulala umnotho wamazwe ase-Afrika.

UNobhala Jikelele we-Food and Allied Workers Union (Fawu) uMnuz Katishi Masemola uthe eminyakeni emihlanu edlule sekudilizw­e abantu abangu-7 350 uma kubalwa nabangu-1 300 abaphelelw­e wumsebenzi kwaRCL Foods, eHammarsda­le kulo nyaka.

Ugqugquzel­e abantu bakuleli ukuba bathenge amaphisisi nezinkukhu zakuleli ukuze abantu bangaphele­lwa wumsebenzi.

“Kufanele siyibheke yonke into esiyitheng­ayo ukuthi ineflegi laseNingiz­imu Afrika.

Uma inkukhu ingenalo iflegi laseNingiz­imu Afrika kusho ukuthi akuyona eyakuleli,” kusho uMasemola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa