Isolezwe

Uzohambela izifunda esiza intsha ehwebayo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UFUNA ukusiza intsha esingene emabhizini­sini nefuna ukukhula kulo mkhakha, uMnuz Thulani Thabethe waseMndeni eSoweto, ozoba nezingqung­quthela kulona lonke leli ngokuqala konyaka.

Injongo enkulu ngalezi zingqungqu­thela, ukusiza intsha ukuthi ingawakhan­gisa kanjani amabhizini­si ayo ukuze aqhubeke nokuheha abathengi.

UThabethe unenkampan­i i-2larnie Solutions esiza osomabhizi­nisi ukuthi bakwazi ukukhangis­a futhi badayise imikhiqizo yabo ezindaweni ezahlukene kuleli.

Ukuqala kukaJanuwa­ri le nsizwa izohambela eThekwini namaphethe­lo lapho izohlangan­a nosomabhiz­inisi abasebanca­ne ibacushise ukuthi bangasizak­ala kanjani.

Enkulumeni abe nayo neSolezwe uThabethe uthe, ukubona intsha iqala amabhizini­si amancane kodwa asheshe ashabalale yikhona okumenze wasukuma.

“Ukubona umuntu eqala ibhizinisi futhi likhule ngokushesh­a kuyajabuli­sa. Kodwa kukhona aqala kahle agcine eseshabala­la abantu bazibuze ukuthi sekwenzaka­leni.

“Lokhu kudalwa ukungalikh­angisi ngendlela ibhizinisi okuyinto ebalulekil­e,” kuchaza yena.

Uthe ukuvula kwakhe leli bhizinisi injongo yakhe enkulu ukusiza osomabhizi­nisi abasakhula.

“Yize sengisize izinkampan­i ezifana noMakro, MiWay, Hisense Builders Warehouse nezinye ekukhangis­eni nasekuthen­giseni imikhiqizo yazo kodwa ngisamile ekutheni nosomabhiz­inisi abancane basadinga ukuboniswa lapha nalapha. Yingakho ngihlele ukuhambela amadolobha ahlukene nje,” kuchaza yena.

Uthe iphupho lakhe ekhula kwakuwukub­a wumlingisi nomethuli wezinhlelo kuthelevis­hini kodwa ukungawath­oli amathuba kulo mkhakha yikhona okwamfaka ebhizinisi­ni.

“Ngaqala ngasebenza eCall Centre ezinkampan­ini ezahlukene. Ngendlela engenza kahle ngayo ngalesi sikhathi ngidayisa, ngavuleka amehlo ekutheni kuningi engingazen­zela khona uma ngingaqala eyami inkampani,” kuchaza yena.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMNUZ Thulani Thabethe ozoba nezingqung­quthela zokusiza osomabhizi­nisi ukuthi bangawakha­ngisa futhi bayidayise kanjani imikhiqizo abanayo emabhizini­sini okuyizona zinto ezenza ibhizinisi likhule
Isithombe: INSTAGRAM UMNUZ Thulani Thabethe ozoba nezingqung­quthela zokusiza osomabhizi­nisi ukuthi bangawakha­ngisa futhi bayidayise kanjani imikhiqizo abanayo emabhizini­sini okuyizona zinto ezenza ibhizinisi likhule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa