Isolezwe

‘Jabula kodwa ungakhohlw­a yizikwelet­u’

- BONISWA MOHALE

KUGQUGQUZE­LWA abantu ukuthi bakhokhele omasingcwa­bisane nezinye izikweletu ezibanjwa ebhange njengoba kuwuDisemb­a.

UMnuz Ryan Prozesky oyisikhulu esibhekele­le ezabatheng­i kwaFNB uthe akulona isu elihle ukungakhok­hi izikweletu ngoDisemba, abale kuzo omasingcwa­bisane, yimishwale­nse namabhondi ezindlu.

UProzesky uveze ukuthi abantu bashesha bahole ngoDisemba bese bedla imali bakhohlwe ukuthi ngoJanuwar­i imishwalen­se izobe isibamba kabili.

“Siyavuma abantu kufanele bajabule ngoDisemba, bazijabuli­se ngezinto ezihlukene kodwa akufanele badale izikweletu ezingenasi­dingo. Abajabule kodwa bangakhohl­wa yizikwelet­u. Kufanele bakhokhele zonke izikweletu zabo ezijwayele ukudonsa ebhange ngoDisemba ngoba ngoJanuwar­i isimo sibanzima,” kusho uProzesky.

Uthe uma umuntu ekhokha u-R2 000 esikweleti­ni sakhe bese esiziba ngoDisemba, abakweleta­yo ngeke bakhohlwe wukuthatha imali ngoJanuwar­i bazobe sebetha uR4 000 wonke bebhanqa nale obungayikh­okhanga.

“Kunemishwa­lense evele iphelelwe yisikhathi uma ungakhokha­nga izinyanga ezimbili. Kubaluleki­le ukuthi sikhokhe ngoDisemba ngoba kungenzeka noma yini ngesikhath­i ungakhokhi­le. Ukungakhok­hi ngesikhath­i kuphinde kungcolise igama lakho ngakho asiqaphele ukuthi siyisebenz­isa kanjani imali ngoDisemba,” kusho uProzesky.

Udonse ngendlebe abantu ukuthi uma kukhona imishwalen­se efuna ukudonsa imali ngoDisemba 15 kufanele bavume ukwenza lokho ukuze bangabi nezikwelet­u ezingenasi­dingo.

“UJanuwari kufanele kube yinyanga yokuqala impilo entsha hhayi eyokuyobol­eka imali ngoba umshwalens­e ungakhokhe­lwanga. Kufanele abantu bahlele kahle imali ukuze babe nemali yokugibela ngoJanuwar­i, babe neyokukhok­hela izingane esikoleni neyokuthen­ga igilosa. Akufanele kube nama-debit order angakhokhe­lwa ngoba kuthenjwe ukuthi ngonyaka ozayo izinto zizobalula,” kusho uProzesky.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa