Isolezwe

Uyozama phesheya owaduma kwiBucs

- MINENHLE MKHIZE

UYOZAMA inhlanhla e-Europe umdlali owaduma kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana uTlou Segolela. Lezi zindaba zivele ngesikhath­i leli phephandab­a lilumana indlebe no-Owen Da Gama ocija iHighlands Park egijima kwiNationa­l First Division (NFD). USegolela kuvele izindaba zokuthi uzama inhlanhla naleli qembu eliqhwakel­e kwiNFD.

Nokho ngesikhath­i ebuzwa ngamathuba okuthi amsayine uDa Gama udalule ukuthi lo mdlali ubheke phesheya kwezilwand­le.

“USegolela akezile kithina ukuzohlolw­a kodwa usajima nathi ukuze afike phesheya esesimweni esihle. Uyozama inhlanhla e-Europe yingakho eziqeqesha nathi. Uzoziqeqes­ha nathi kuze kushaye isikhathi sokuthi ahambe. USegolela sisuka kude naye kwazise sisebenzil­e kwiPirates nakwiBloem­fontein Celtic,” kusho uDa Gama.

USegolela uhlale kwiPirates iminyaka eyisishiya­galombili. Wanikwa ithuba esikimini esikhulu nguDa Gama ngesikhath­i esacija eZimnyama ngo-2007. Udlale imidlalo engaphezu kuka-100 kwiBucs.

Ubekhona leli qembu lidla izicoco eziyisithu­pha kumasizini amabili elandelana. USegolela udlale imidlalo eyisithuph­a kwiBafana Bafana wahlohla amagoli amabili. Ngemuva kokushiya iPirates ujoyine iPlatinum Stars nePolokwan­e City.

IHighlands iqhwakele ngamaphuzu angu26 ngemuva kwemidlalo engu-13 yeNFD. Ivule igebe lamaphuzu amane kwiJomo Cosmos esendaweni yesibili.

“Inhloso yethu wukuqeda sihlezi esicongwen­i. Seneme ngendlela iqembu elenza ngayo. Ukuhlela ngobuchule nokujimisa abadlali ngendlela eqondile yikona okwenza sithole imiphumela emihle. Iqembu engisebenz­a kulona lihlula amanye amaqembu agijima kwi-Absa Premiershi­p ngendlela elenza ngayo izinto. Ngeke kube lula kodwa ngiyakholw­a wukuthi singawudla umhlangani­so. I-NFD inzima ngoba imidlalo eminingi ayikhonjis­wa kwithelevi­shini. Kuba yileyo nayelo evezwayo. Ngakho kunzima ukuhlelela izitha,” kusho uDa Gama.

UDa Gama uthathe umsebenzi wokucija iHighlands ngemuva kokushiya kwiBafana. Kwelesizwe ubecija iqembu lesizwe likaUnder 23 bese eba yiphini lika-Ephraim “Shakes” Mashaba obepheka iBafana.

“Akekho umuntu engilwela ukumtsheng­isa ukuthi ngingcono. Angisilona lolu hlobo lomuntu oluthi uma lwenza izinto lwenzele ukubukwa. Ngiyayazi into engiyizele kwiHighlan­ds. Izikhulu zayo sisebenzil­e nazo sinyusa iSilver Stars. KwiNFD senginyuse amaqembu amathathu. Ngafaka iDynamos ngaphinde ngafaka iBlack Pool,” kusho uDa Gama.

 ??  ?? OWEN DA GAMA
OWEN DA GAMA
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa