Sekuzocaca ngozopheka iBanyana Banyana
KUNGENZEKA kuphele unyaka esaziwa umqeqeshi ozothatha izintambo ngokugcwele ekuphekeni iqembu lesizwe labesifazane, iBanyana Banyana, ngemuva kokuba sekuphele isikhathi esingangonyaka kubambe uDesree Ellis.
U-Ellis, othathe izintambo kuVera Pauw nyakenye ngo-Agasti ngemuva kwama-Olympic ekade eyiphini lakhe, unqobise iBanyana isicoco seCosafa Cup.
Kusukela ehambile uPauw akugqamanga ukuthi kukhona ibamba njengoba iqembu lesizwe belilokhu lenza kahle.
Ngemuva kokudla umhlanganiso kwiCosafa Cup ngoSepthemba, izikhulu zeSafa zazilokhu zithi “maduze” kuzomenyezelwa umqeqeshi omusha kodwa kuze kube yimanje kusacwebe iziziba.
Obekuvela wukuthi zibheke ukuthi kuphinde kuthathe umuntu waphesheya kwezilwandle. Uma zibuzwa ngo-Ellis bezikuveza ukuthi ukwabathathu asebesele okuzokhethwa kubona.
Izolo Isolezwe lihoshe ngomthombo ukuthi kuleli sonto kuzohlala ikomiti losomaqhinga okumele likhiphe isinqumo.
“Ngesonto elizayo ngizobe sengikwazi ukukhuluma ngomqeqeshi weBanyana,” kusho umthombo.
Unyaka ozayo uzoba ngomqoka kwiBanyana njengoba izovula ngomdlalo wobungani neSweden ngoJanuwari 18 nangoJanuwari 21 eKapa.
Ngo-Ephreli izoqala imidlalo yokuhlungela i-African Women Championship (AWC) nozonqoba phakathi kweSwaziland neLesotho. I-AWC izoba seGhana ngoNovemba.
Lo mqhudelwano yiwona ozokhipha amazwe amathathu azomela i-Afrika kwiNdebe yoMhlaba yango-2019 eFrance.
Indlela iSafa esiphuze ngayo ukuqasha umqeqeshi omusha, kubonakala sekungaba wukunikezwa kuka-Ellis umsebenzi ngokugcwele okungenza umqondo ngoba yena useyabazi abadlali futhi uziqonda kahle izinjongo zeSafa. Uma iSafa iqasha umqeqeshi omusha ingazithola ibhekene nenkinga efanayo nakwiBafana Bafana lapho iqashe uStuart Baxter sekuhambe isikhathi ezoqedela umsebenzi oqalwe omunye umuntu. Kuthe uma uBaxter engasayifaki iBafana kwiNdebe yoMhlaba wathi yena ubengenambandela wokuya eRussia futhi besisincane isikhathi sokuthi abadlali baqonde izimfundiso zakhe.