Isolezwe

Iseluleko sikaMcCart­hy asibhekise kwiSafa

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weCape Town City uBenni McCarthy ucebisa iSouth Africa Football Associatio­n (Safa) ngeqhinga lokugwema isihlava esibi sabadlali abachizela iqembu lesizwe.

Sekuphendu­ke insakavuke­la ukuthi abadlali bavele balibeke ngembaba elokuthi abezi ukuzodlale­la iBafana Bafana. Muva nje kusanda kuvela ukuthi uThulani Serero watshela izikhulu zeSafa ukuthi ngeke eze ukuzodlale­la iBafana uma engeke aboshelwe esikimini. USerero ugijima kwiVitesse yaseHollan­d.

Abadlali abachizele iBafana eminyakeni eyedlule uKamohelo Mokotjo, Dino Ndlovu, Kermit Erasmus, May Mahlangu, McCarthy, Quinton Fortune, Mark Fish noTokelo “TK” Rantie.

UMcCarthy exoxa nabezindab­a ePrincess Magogo Stadium, eThekwini, ngemuva komdlalo wezakhe neMaritzbu­rg United, ululeke iSafa ngeqhinga acabanga ukuthi lingasiza ukuqeda isihlava sabadlali abasolwa ngokudelel­a iqembu lesizwe. “Abantu (iSafa) badinga ukuhlala phansi bayifakele izibuko indaba yabadlali abagijima phesheya. Kumele kuhlalwe phansi nomdlali neqembu adlala kulona bese kuphunywa nesivumelw­ano phakathi kwalezi zinhlangot­hi nososeshin­i wethu.”

IBafana igcine ihluleke yancama wukuzibeki­sela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

“Kumele kuvele isisombulu­lo esizokwenz­a zonke izinhlango­thi zijabule. Inkinga esibhekene nayo manje wukuthi sigcine singakwaza­nga ukuthola iqiniso nomnyombo wenkinga ngoba omunye uthi omunye uthe bese kufika omunye athi kushiwo lokhu.

“Uma kungekho ukuxhumana okuqondile sizohlale sibhekana nenkinga efanayo ngaso sonke isikhathi lapho abadlali bechizela khona iqembu lesizwe. Ekugcineni abadlali bathathwa njengabant­u ababi bese usoseshini ube muhle. Le nto kumele ishintshe,” kusho uMcCarthy.

IBafana isiyoze idlale ngonyaka ozayo uma isibhekene neLibya emdlalweni wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiAfrica Cup of Nations (Afcon) eseCameroo­n ngo-2019. Umdlalo weBafana neLibya useMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa