Bamisiwe onompempe ngelokusenga ezimithiyo
KUKHALE izembe konompempe abatholwe benecala lokusenga ezimithiyo ngesikhathi bethula ubufakazi ecaleni elalithinta AmaZulu FC neBaroka FC.
Emini inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, okuyiyona ephethe onompempe ikhiphe isitatimende izolo kwiwebsite yayo iveza ukuthi uThabo Thinane, Rudzani Muluadzi noLinos Hobwane batholwe yikomiti eliqondisa ubugwegwe benecala lokungaziphathi kahle.
UThihane umiswe yizinyanga ezintathu ngokukokotela isitifiketi sikadokotela esiveza ukuthi ungumqemane. Isigwebo sakhe sizodonsa kuze kube uFebhuwari 2018.
UMulaudzi umiswe yonke le sizini engazihlanganisi nemidlalo yePremier Soccer League (PSL). Wayeyi-match commissioner emdlaweni owawuphakathi kwaMaZulu FC neBaroka. Kuvele ukuthi waqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi ecaleni lamaqembu elalihlalelwe yikomiti lePSL.
Ngaphezu kokumiswa kuthiwe akabhale incwadi yesixoliso ayibhekise kwiSafa nakwiPSL. UHobwane umiswe amasizini amabili engasebenzi. Kuthiwa wethula ubufakazi obungekho kuleli cala laMaZulu neBaroka.
“Asihambisani nezenzo zenkohlakalo konompempe bethu. Lesi yisikhumbuzo sokuthi noma ngubani ozotholakala enecala uzobhekana nengalo yomthetho,” kusho uNatasha Tsichlas esitatimendeni seSafa.
UTsichlas ungusihlalo wekomiti losomaqhinga leSafa. Laba akusibona onompempe bokuqala ukujeziswa. UCedrick Muvhali noPatrick Jafta bayalwazi ulaka lweSafa ngodaka abalushaya bephethe umdlalo weCape Town City nePolokwane City.
Ngokuthola kweSolezwe uHobwane wayeyiphini likanompempe emdlalweni waMaZulu neBaroka ngesikhathi la maqembu esayibambe kwiNational First Division (NFD) ngesizini ka-2015/2016.
UQedi Dlamini oyimenenja yaMaZulu uveze ukuthi uHobwane wathi: “Ushayiwe abadlali kwaze kwadingeka ukuthi alashwe ngamaphysio. Wayekhala ngokuthi ngendlela ahlukumezeka ngayo wathikamezeka nangokomqondo.
Kodwa ama-video omdlalo akhombisa ukuthi akukho noyedwa umdlali wethu owasondela kuyena.”
UMulaudzi yena embikweni wakhe wafakaza ukuthi AmaZulu ahlasela onompempe kodwa okuyinto obungazange buvele ubufakazi bayo.
Kulo mdlalo owawuphethwe u-Anwar Alexander Usuthu lwahlulwa ngo 2-0.
UDlamini uveze ukuthi into ababekhala ngayo ngunompempe ababemsola ngokwenzelela, kwamane kwajikwa kwathiwa yibona abahlasele unompempe.