UDolly useneme kwiMonthpellier usazohlala kuyo Mitchell
AKANAZO izinhlelo zokushiya iMontpellier FC agijima kuyona eFrance umdlali weBafana Bafana uKeagan Dolly.
UDolly ulizwa ngendaba ijezi kuleli qembu eligijima kwi-Ligue 1 kulezi zinsuku. Ufike kulona ngoJanuwari esuka kwiMamelodi Sundowns.
Imenenja yakhe uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency itshele Isolezwe ukuthi azikho izinhlelo zokuthi uDolly abolekiswe njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.
“Okwamanje uDolly usalimele. Udonseke umsipha ngesonto eledlule yingakho engabonakali emidlalweni yakamuva yeqembu lakhe. Yebo, uthwele kanzima kodwa asinazo izinhlelo zokuthi simtholele ikhaya elisha kuleli windi esiya kulona. Izinto ezifana nalezi ziyenzeka ebholeni (ukuthi uhlale ebhentshini) futhi uma zenzeka akusho ukuthi umdlali sekumele ashiye. Awukwazi ukuvele ushiye ngoba nakhu uthi ijezi ulizwa ngendaba,” kusho uMitchell.
Iqembu likaDolly, iMontpellier lihlezi endaweni yesishiyagalombili kwi-log yeFrench Ligue 1 ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu16. IMontpellier ihlukaniswe amaphuzu angu-20 nePSG ehlezi esicongweni.
“Lena yisizini yakhe yesibili, usazama ukungena egiyeni. Phezu kwalokho iqembu livele lenza kahle. Uma kukhona okuqhamukayo emaceleni sizokufakela izibuko kodwa okwamanje asinazo izinhlelo zokumsusa lapho ekhona. Useneme kwiMontpellier,” kusho uMitchell.
Kwasuka izidubedube ngesikhathi uDolly efuna ukushiya kwiSundowns kwazise inkontileka yakhe yayingafani nale eyayisemahhovisini Abafana Ba Style. Kuyimanje udaba lwakhe neSundowns lukwiFifa. Yize uDolly elizwa ngendaba ijezi kodwa umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter usaqhubeka nokumbiza. Ubekhona elakuleli lishaywa yiSenegal ekhaya nasekuhambeni emidlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.