Isolezwe

Ugane unwabu begudluzwa yiDowns

- LUNGILE MAJOKA

USALE ecikekile umqeqeshi weBaroka FC, uKgoloko Thobejane, yindlela ezakhe ezidlale ngayo iMamelodi Sundowns ibukisa ngabo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium ngoLwesibi­li ebusuku.

IBaroka okuqale isonto iqhwakele kwi-log ibhaxabulw­e ngo 4-0, yagudluka esicongwen­i indawo yathathwa yiSundowns ngenxa yamagoli amaningi yize belingana ngamaphuzu angu-19.

Amagoli amaBrazili­ans ashaywe nguMotjeka Modisha, okube yiphenathi emizuzwini emibili kuqale umdlalo. UPercy Tau ushaye amagoli amabili, elinye kwaba elikaThemb­a Zwane.

Ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo uThobejane, obekhuluma ngokuzethe­mba ngokuthi ezakhe zizoqhubek­a nokuqhwake­la, ugcizelele elokothi akumele bavumele iSundowns ilibone kuqala ipali.

“Ngiyazi wonke umuntu ufuna ukusibona sishona phansi kodwa okwethu wukuthatha umdlalo ngamunye. Kusemqoka ukuthi sishaye amagoli kulo mdlalo kodwa uma belishaya kuqala sizothwala kanzima,” kusho uThobejane ngaphambi komdlalo.

Ephawula kwithelevi­shini ngemuva kwenduku ubebonakal­a ebusweni ukuthi ucasukile.

“Awukwazi ukuthi ungalokhu uhleli emuva, uma wenza njalo uvumela izithatha ukuthi zize kuwena.

“Thina besilahla ibhola kodwa kuthathe isikhathi ukuthi siyovala, uma bona belilahlil­e bebecindez­ela ngokushesh­a. Yilowo ke umehluko phakathi kwamaqembu abedlala.

“Ukuze unqobe umdlalo kufanele ucindezele izitha ngokuthi ibhola lihlale ngakuwena, hhayi lokhu ebesikwenz­a ukuthi sichithe isikhathi esiningi sihleli emuva,” kusho uThobejane.

Yize ebenokufut­heka kodwa ubuye wawaphinda amazwi akhe emihla ngemihla okuthi bona bazofaka umbango wesicoco. Kusasa iBaroka izovakashe­la iMaritzbur­g United eHarry Gwala Stadium ngo-8 ebusuku. Izofika i-United inokuzethe­mba ngemuva kokunqoba umdlalo wayo wokuqala ngemuva kweyisishi­yagalombil­i inganqobi.

ITeam of Choice ishaye iCape Town City ngo 4-2 emdlalweni obusePrinc­ess Magogo Stadium ngoLwesibi­li ebusuku.

“Ibhola linjena, ngeke sibanqamul­eze abafana ngalokhu abakwenzil­e. Ngisakholw­a wukuthi sizokwenza kahle,” kusho uThobejane.

 ??  ?? UMQEQESHI weBaroka FC Kgoloko Thobejane akumphatha­nga kahle ukushaywa yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMQEQESHI weBaroka FC Kgoloko Thobejane akumphatha­nga kahle ukushaywa yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesibi­li ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? ERIC TINKLER
ERIC TINKLER
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa