Inselelo kaTinkler ayibhekise kubadlali bakhe
UMQEQESHI weSuperSport United, u-Eric Tinkler, uphonsele inselelo abadlali bakhe ukuthi babhukule balwele ukuthola amaphuzu noma sebebhekene namaqembu amancane.
ISuperSport idlale ngokulingana ngo 0-0 ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku. Leli qembu lidlala imidlalo yeligi linengcindezi kwazise lisalele emuva. Amatsatsantsa kade eyibambe kwiCaf Confederation Cup lapho egcine ehlulwe khona yiTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).
NgoLwesibili ebusuku iSuperSport ihlulwe yinqwaba yamathuba okushaya amagoli. UTinkler uzithole sekufanele emukele iphuzu emdlalweni abebekade bengawuwina kalula.
Lo mqeqeshi unengcindezi yokucosha amaphuzu emidlalweni abasele ngayo emuva.
“Siyikhulumile nabadlali indaba yemidlalo esisele ngayo ukuthi sidinga ukuqoqa amaphuzu angu-13 emidlalweni eyisithupha nokusho ukuthi amaphuzu amabili emdlalweni ngamunye. Ngibachazele abadlali ukuthi uma singaqoqa angu14 kwawu-18 ngaphambi kukaKhisimusi sizohlala esicongweni se-log sibe singemuva ngemidlalo. Kodwa awukho umdlalo ozoba lula,” kusho uTinkler.
“Ukudlala nePirates kuyagqugquzela. Inselelo izoba sekudlaleni neBaroka neFree State Stars. Sidinga ukuqoqa amaphuzu kuleyo midlalo. Ukuba bekuya ngami ngabe sithole amathathu kwiPirates ngoba iBaroka neStars bazoba nzima.
“Abadlali kufanele bakuqonde ukuthi kufanele bagqugquzeleke noma sidlala naliphi iqembu. Sizobhekana neCape Town City okuwumdlalo ozoba nzima kakhulu. Bayiqale kahle isizini.”
UTinkler ukuchithile ukuthi bazoziwinela kalula kwiCity ehlulwe yiMaritzburg United ngo 4-2 ngoLwesibili ebusuku. Bazogadulisana nayo ngoMgqibelo ntambama eMbombela Stadium, eMpumalanga.
Mayelana nomdlalo wePirates, uTinkler uthe basebenze kahle kodwa bahlulwa wukusebenzisa amathuba. Udalule ukuthi uzobaphumuza abanye abadlali ngempelasonto.
“Inhloso bekuwukubacindezela engxenyeni yabo. Lokho sikwenze kahle kodwa sahluleka ukufaka ibhola enethini. Esiwombeni sesibili asakhanga amathuba enele. Bekufanele sishaye amagoli amabili noma amathathu.
“Ngokuhamba kwesikhathi abanye babadlali bami bakhathalile. Ngibona kufanele ngabe siphume namaphuzu amathathu. Kodwa ke ukuthola iphuzu kwiPirates kulungile,” kusho uTinkler.
nKhonamanjalo iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi iSuperSport izoqhubeka nokusakaza yonke imiqhudelwano yePSL kumasizini amahlanu ezayo kusukela ngeka2019/2020 ngemuva kokuwina ilungelo.
Usihlalo wePSL u-Irvin Khoza uthe: “I-PSL iyajabula ukuqhuebeka nobudlelwano osebube khona iminyaka engu-10 nosekwenze iPremier Soccer League yakhula. Sicabanga ukuthi lobu budlelwano sekuyizuzise kakhulu iPSL, amaqembu ayo, abadlali nebhola laseNingizimu Afrika.”