Uyozama phesheya owaduma kwiBucs
UYOZAMA inhlanhla e-Europe umdlali owaduma kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana uTlou Segolela. Lezi zindaba zivele ngesikhathi leli phephandaba lilumana indlebe no-Owen Da Gama ocija iHighlands Park egijima kwiNational First Division (NFD). USegolela kuvele izindaba zokuthi uzama inhlanhla naleli qembu eliqhwakele kwiNFD.
Nokho ngesikhathi ebuzwa ngamathuba okuthi amsayine uDa Gama udalule ukuthi lo mdlali ubheke phesheya kwezilwandle.
“USegolela akezile kithina ukuzohlolwa kodwa usajima nathi ukuze afike phesheya esesimweni esihle. Uyozama inhlanhla e-Europe yingakho eziqeqesha nathi. Uzoziqeqesha nathi kuze kushaye isikhathi sokuthi ahambe. USegolela sisuka kude naye kwazise sisebenzile kwiPirates nakwiBloemfontein Celtic,” kusho uDa Gama.
USegolela uhlale kwiPirates iminyaka eyisishiyagalombili. Wanikwa ithuba esikimini esikhulu nguDa Gama ngesikhathi esacija eZimnyama ngo-2007. Udlale imidlalo engaphezu kuka-100 kwiBucs.
Ubekhona leli qembu lidla izicoco eziyisithupha kumasizini amabili elandelana. USegolela udlale imidlalo eyisithupha kwiBafana Bafana wahlohla amagoli amabili. Ngemuva kokushiya iPirates ujoyine iPlatinum Stars nePolokwane City.
IHighlands iqhwakele ngamaphuzu angu26 ngemuva kwemidlalo engu-13 yeNFD. Ivule igebe lamaphuzu amane kwiJomo Cosmos esendaweni yesibili.
“Inhloso yethu wukuqeda sihlezi esicongweni. Seneme ngendlela iqembu elenza ngayo. Ukuhlela ngobuchule nokujimisa abadlali ngendlela eqondile yikona okwenza sithole imiphumela emihle. Iqembu engisebenza kulona lihlula amanye amaqembu agijima kwi-Absa Premiership ngendlela elenza ngayo izinto. Ngeke kube lula kodwa ngiyakholwa wukuthi singawudla umhlanganiso. I-NFD inzima ngoba imidlalo eminingi ayikhonjiswa kwithelevishini. Kuba yileyo nayelo evezwayo. Ngakho kunzima ukuhlelela izitha,” kusho uDa Gama.
UDa Gama uthathe umsebenzi wokucija iHighlands ngemuva kokushiya kwiBafana. Kwelesizwe ubecija iqembu lesizwe likaUnder 23 bese eba yiphini lika-Ephraim “Shakes” Mashaba obepheka iBafana.
“Akekho umuntu engilwela ukumtshengisa ukuthi ngingcono. Angisilona lolu hlobo lomuntu oluthi uma lwenza izinto lwenzele ukubukwa. Ngiyayazi into engiyizele kwiHighlands. Izikhulu zayo sisebenzile nazo sinyusa iSilver Stars. KwiNFD senginyuse amaqembu amathathu. Ngafaka iDynamos ngaphinde ngafaka iBlack Pool,” kusho uDa Gama.