Isolezwe

Sekuzocaca ngozopheka iBanyana Banyana

- LUNGILE MAJOKA

KUNGENZEKA kuphele unyaka esaziwa umqeqeshi ozothatha izintambo ngokugcwel­e ekuphekeni iqembu lesizwe labesifaza­ne, iBanyana Banyana, ngemuva kokuba sekuphele isikhathi esingangon­yaka kubambe uDesree Ellis.

U-Ellis, othathe izintambo kuVera Pauw nyakenye ngo-Agasti ngemuva kwama-Olympic ekade eyiphini lakhe, unqobise iBanyana isicoco seCosafa Cup.

Kusukela ehambile uPauw akugqamang­a ukuthi kukhona ibamba njengoba iqembu lesizwe belilokhu lenza kahle.

Ngemuva kokudla umhlangani­so kwiCosafa Cup ngoSepthem­ba, izikhulu zeSafa zazilokhu zithi “maduze” kuzomenyez­elwa umqeqeshi omusha kodwa kuze kube yimanje kusacwebe iziziba.

Obekuvela wukuthi zibheke ukuthi kuphinde kuthathe umuntu waphesheya kwezilwand­le. Uma zibuzwa ngo-Ellis bezikuveza ukuthi ukwabathat­hu asebesele okuzokheth­wa kubona.

Izolo Isolezwe lihoshe ngomthombo ukuthi kuleli sonto kuzohlala ikomiti losomaqhin­ga okumele likhiphe isinqumo.

“Ngesonto elizayo ngizobe sengikwazi ukukhuluma ngomqeqesh­i weBanyana,” kusho umthombo.

Unyaka ozayo uzoba ngomqoka kwiBanyana njengoba izovula ngomdlalo wobungani neSweden ngoJanuwar­i 18 nangoJanuw­ari 21 eKapa.

Ngo-Ephreli izoqala imidlalo yokuhlunge­la i-African Women Championsh­ip (AWC) nozonqoba phakathi kweSwazila­nd neLesotho. I-AWC izoba seGhana ngoNovemba.

Lo mqhudelwan­o yiwona ozokhipha amazwe amathathu azomela i-Afrika kwiNdebe yoMhlaba yango-2019 eFrance.

Indlela iSafa esiphuze ngayo ukuqasha umqeqeshi omusha, kubonakala sekungaba wukunikezw­a kuka-Ellis umsebenzi ngokugcwel­e okungenza umqondo ngoba yena useyabazi abadlali futhi uziqonda kahle izinjongo zeSafa. Uma iSafa iqasha umqeqeshi omusha ingazithol­a ibhekene nenkinga efanayo nakwiBafan­a Bafana lapho iqashe uStuart Baxter sekuhambe isikhathi ezoqedela umsebenzi oqalwe omunye umuntu. Kuthe uma uBaxter engasayifa­ki iBafana kwiNdebe yoMhlaba wathi yena ubengenamb­andela wokuya eRussia futhi besisincan­e isikhathi sokuthi abadlali baqonde izimfundis­o zakhe.

 ??  ?? DESREE ELLIS
DESREE ELLIS
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBENNI McCarthy ocija iCape Town City ufisa kube khona ukuxhumana okungcono phakathi kwabadlali beBafana Bafana neSafa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBENNI McCarthy ocija iCape Town City ufisa kube khona ukuxhumana okungcono phakathi kwabadlali beBafana Bafana neSafa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa