Isolezwe

Ukhala ngamafutha kumdlali weCity

- MINENHLE MKHIZE

KUKHALWA ngokukhulu­phala komdlali weCape Town City neBafana Bafana u-Ayanda Patosi ongakafiki ezingeni lakhe kusukela ekhuze ibuya kwi-Absa Premiershi­p.

UPatosi ujoyine iCity ekuqaleni kwesizini esuka kwiLokoren yaseBelgiu­m. Ufike kuleli qembu elisungulw­e ngonyaka odlule wathatha unombolo 10 kodwa kuze kube yimanje akukho okutheni okubabazis­ayo asakwenzil­e.

Isikhulu seCity, uJohn Comitis sitshele abezindaba ukuthi uPatosi kumele ehlise amafutha emzimbeni. UPatosi ulimale kabuhlungu ngesikhath­i ezakhe ziqunjwa phansi yiMaritzbu­rg United ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. ICity iguqiswe yiTeam of Choice ngo 4-2 emdlalweni obungoLwes­ibili ebusuku.

“UPatosi simlandele ukuzovala indawo kaLebo Manyama obedlala ngemuva kwabagadli. Yize ebewashaya amagoli uManyama kodwa ubengesiye­na umgadli, ubedlala ngemuva kwabagadli. UPatosi kumele abhukule ngoba unekhono. Uyakhombis­a yena ukuthi kukhona azosinika kona kodwa kusamele ehlise amafutha ezimbeni.

“Uyabona ukuthi ungumdlali oseqophewe­ni eliphezulu kodwa udinga ukuba sesimeni esikahle ngokomzimb­a ukuze ezoba ngcono. Uma eke wangena egiyeni iqembu lonke lizophapha­ma. Ufike lapha kithina emkhulu ngamakhilo ayisithuph­a kunasehle ngawo. Yingakho sekumthath­e isikhathi ukungena egiyeni. Kumele abuyele esimeni ngoba ubengadlal­i isikhathi eside futhi kuyabonaka­la,” kusho uComitis.

ULehlohono­lo “Major” Majoro inkontilek­a yakhe iyaphela ngoJuni. UComitis uphumele obala ngesifiso sakhe sokugcina lo mdlali.

“UMajoro udlalile namuhla (esho ngoLwesibi­li). Indlela agijima ngayo ngeke usho ukuthi ukule minyaka akuyona. Sinesikhat­hi sonke sokudingid­a ikusasa lakhe futhi isifiso sethu wukuthi ahlale eqenjini. UMajoro usesezinhl­elweni zeqembu,” kusho uComitis.

Abanye abadlali okuvela ukuthi bagaqelwe yiCity nguMandla Masango noBrillian­t Khuzwayo weKaizer Chiefs.

“UMasango bese ngivumelen­e ngayo yonke into neqembu lakhe eDenmark kodwa wafuna izindlodla engingeke ngikwazi ukuzikhokh­a. Ubezoqala ukudlala kithina ngoJanuwar­i. Okwamanje ngeke sikwazi ukumkhokhe­la le mali ayifunayo. Ngeke simthathe ngale mali ayifunayo kodwa uma eshintsha umqondo singaxoxa.

“Ithimba lami elingithun­gathela abadlali likhumile noTim Sukazi ngoBrillia­nt Khuzwayo kodwa basitsheli­le ukuthi usenenkont­ileka neKaizer Chiefs futhi ngeke sikwazi ukukhuluma naye kuze kube nguJanuwar­i. Uma ezimisele ngokukhulu­ma nathi ngoJanuwar­i singajabul­a ngoba ungunozint­i oseqophelw­eni eliphezulu. Singathand­a ukuba naye ngoba uShu-Aib Walters useneminya­ka engu-35. Indawo yasemapali­ni ngenye yezindawo esifuna ukuziqinis­a,” kusho uComitis.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasesiswin­i weCape Town City u-Ayanda Patosi usolwa ngokukhulu­phala kakhulu selokhu efikile eKapa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasesiswin­i weCape Town City u-Ayanda Patosi usolwa ngokukhulu­phala kakhulu selokhu efikile eKapa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa