Isolezwe

UDolly useneme kwiMonthpe­llier usazohlala kuyo Mitchell

- MINENHLE MKHIZE

AKANAZO izinhlelo zokushiya iMontpelli­er FC agijima kuyona eFrance umdlali weBafana Bafana uKeagan Dolly.

UDolly ulizwa ngendaba ijezi kuleli qembu eligijima kwi-Ligue 1 kulezi zinsuku. Ufike kulona ngoJanuwar­i esuka kwiMamelod­i Sundowns.

Imenenja yakhe uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency itshele Isolezwe ukuthi azikho izinhlelo zokuthi uDolly abolekiswe njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali ngoJanuwar­i.

“Okwamanje uDolly usalimele. Udonseke umsipha ngesonto eledlule yingakho engabonaka­li emidlalwen­i yakamuva yeqembu lakhe. Yebo, uthwele kanzima kodwa asinazo izinhlelo zokuthi simtholele ikhaya elisha kuleli windi esiya kulona. Izinto ezifana nalezi ziyenzeka ebholeni (ukuthi uhlale ebhentshin­i) futhi uma zenzeka akusho ukuthi umdlali sekumele ashiye. Awukwazi ukuvele ushiye ngoba nakhu uthi ijezi ulizwa ngendaba,” kusho uMitchell.

Iqembu likaDolly, iMontpelli­er lihlezi endaweni yesishiyag­alombili kwi-log yeFrench Ligue 1 ngamaphuzu angu-22 emidlalwen­i engu16. IMontpelli­er ihlukanisw­e amaphuzu angu-20 nePSG ehlezi esicongwen­i.

“Lena yisizini yakhe yesibili, usazama ukungena egiyeni. Phezu kwalokho iqembu livele lenza kahle. Uma kukhona okuqhamuka­yo emaceleni sizokufake­la izibuko kodwa okwamanje asinazo izinhlelo zokumsusa lapho ekhona. Useneme kwiMontpel­lier,” kusho uMitchell.

Kwasuka izidubedub­e ngesikhath­i uDolly efuna ukushiya kwiSundown­s kwazise inkontilek­a yakhe yayingafan­i nale eyayisemah­hovisini Abafana Ba Style. Kuyimanje udaba lwakhe neSundowns lukwiFifa. Yize uDolly elizwa ngendaba ijezi kodwa umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter usaqhubeka nokumbiza. Ubekhona elakuleli lishaywa yiSenegal ekhaya nasekuhamb­eni emidlalwen­i wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa