Isolezwe

Angase ahlukane neDowns ngezayo uBilliat

- MINENHLE MKHIZE

ANGASE ashiye ngoJanuwar­i kwiMamelod­i Sundowns uKhama Billiat inkontilek­a yakhe ephela ngoJuni kuleli qembu.

Ngeledlule umthombo waleli phephandab­a ongashayi eceleni udalule ukuthi uBilliat uyahamba ekupheleni kwesizini. Umqeqeshi weqembu uPitso “Jingles” Mosimane naye ukuqinisek­isile ukuthi uBilliat uyahamba ekupheleni kwesizini.

Leli phephendab­a seliphinde lahosha ukuthi lo mdlali kungenzeka ashiye kwiSundown­s ngenyanga ezayo uma sekuvuleke iwindi lokushints­hana ngabadlali.

“UBilliat kuphushelw­a ukuthi akhululwe kuleli windi elizayo. ISundowns ibona ithuba lokuthi yenze imali. Uma ehamba ngoJuni uzohamba mahhala ngakho iqembu lifuna ukumdedela manje ukuze nalo lihlomule ngoba lamthenga ngemali eshisiwe,” kusho umthombo othembekil­e.

UBilliat udlale ingcwenga yebhola emasontwen­i amabili edlule ngesikhath­i iSundowns iqumba phansi ompetha be-Absa Premiershi­p, iBidvest Wits ngo 2-0 eBidvest Stadium, eMilpark, eGoli. Lo mdlali odabuka eZimbabwe ushaye amagoli amabili kulo mdlalo.

“Imenenja kaBilliat ilwela indaba yokuthi atholelwe iqembu phesheya. Akhona amaqembu amfunayo kodwa alikho ibanga eselihanji­we ezingxoxwe­ni,” kusho umthombo.

Imenenja kaBilliat, uSiyabulel­a Loyilane, yenqabile ukuphawula ngodaba lukaBillia­t ngesikhath­i ithintwa yiSolezwe ngoMsombul­uko.

“Ngicela ukungaphaw­uli okwamanje ngoBilliat. Uma sesiqede yonke into ngekusasa lakhe iqembu lakhe lizokhipha isitatimen­de. ISundowns inomdlalo omqoka (ebiwudlala neBaroka FC) ngakho angiboni ukuthi kungumqond­o omuhle ukuthi sigxile ezindabeni ezithinta ikusasa lakhe,” kusho uLoyilane.

ISundowns isike yalahlekel­wa ngumdlali eyamthenga ngemali eshisiwe wagcina ehambe mahhala.Leli qembu lalahlekel­wa nguBongani “Ben10” Zungu owahamba mahhala ukuyodlala ePortugal.

ISundowns izama ukugwema into efanayo kuBilliat. Lo mdlali usezinqobe zonke izicoco ezimqoka kwiSundown­s. Usehlabane ngesicoco seCAF Champions League, CAF Super Cup, Absa Premiershi­p, Nedbank Cup neseTelkom Knockout.

ISundowns izovakashe­la iLamontvil­le Golden Arrows emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns uKhama Billiat angase ashiye iqembu ngenyanga ezayo njengoba ezanyelwa ukuya phesheya
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMamelodi Sundowns uKhama Billiat angase ashiye iqembu ngenyanga ezayo njengoba ezanyelwa ukuya phesheya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa