Isolezwe

Inselelo kaTinkler ayibhekise kubadlali bakhe

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weSuperSpo­rt United, u-Eric Tinkler, uphonsele inselelo abadlali bakhe ukuthi babhukule balwele ukuthola amaphuzu noma sebebheken­e namaqembu amancane.

ISuperSpor­t idlale ngokulinga­na ngo 0-0 ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngoLwesibi­li ebusuku. Leli qembu lidlala imidlalo yeligi linengcind­ezi kwazise lisalele emuva. Amatsatsan­tsa kade eyibambe kwiCaf Confederat­ion Cup lapho egcine ehlulwe khona yiTP Mazembe yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC).

NgoLwesibi­li ebusuku iSuperSpor­t ihlulwe yinqwaba yamathuba okushaya amagoli. UTinkler uzithole sekufanele emukele iphuzu emdlalweni abebekade bengawuwin­a kalula.

Lo mqeqeshi unengcinde­zi yokucosha amaphuzu emidlalwen­i abasele ngayo emuva.

“Siyikhulum­ile nabadlali indaba yemidlalo esisele ngayo ukuthi sidinga ukuqoqa amaphuzu angu-13 emidlalwen­i eyisithuph­a nokusho ukuthi amaphuzu amabili emdlalweni ngamunye. Ngibachaze­le abadlali ukuthi uma singaqoqa angu14 kwawu-18 ngaphambi kukaKhisim­usi sizohlala esicongwen­i se-log sibe singemuva ngemidlalo. Kodwa awukho umdlalo ozoba lula,” kusho uTinkler.

“Ukudlala nePirates kuyagqugqu­zela. Inselelo izoba sekudlalen­i neBaroka neFree State Stars. Sidinga ukuqoqa amaphuzu kuleyo midlalo. Ukuba bekuya ngami ngabe sithole amathathu kwiPirates ngoba iBaroka neStars bazoba nzima.

“Abadlali kufanele bakuqonde ukuthi kufanele bagqugquze­leke noma sidlala naliphi iqembu. Sizobhekan­a neCape Town City okuwumdlal­o ozoba nzima kakhulu. Bayiqale kahle isizini.”

UTinkler ukuchithil­e ukuthi bazoziwine­la kalula kwiCity ehlulwe yiMaritzbu­rg United ngo 4-2 ngoLwesibi­li ebusuku. Bazogaduli­sana nayo ngoMgqibel­o ntambama eMbombela Stadium, eMpumalang­a.

Mayelana nomdlalo wePirates, uTinkler uthe basebenze kahle kodwa bahlulwa wukusebenz­isa amathuba. Udalule ukuthi uzobaphumu­za abanye abadlali ngempelaso­nto.

“Inhloso bekuwukuba­cindezela engxenyeni yabo. Lokho sikwenze kahle kodwa sahluleka ukufaka ibhola enethini. Esiwombeni sesibili asakhanga amathuba enele. Bekufanele sishaye amagoli amabili noma amathathu.

“Ngokuhamba kwesikhath­i abanye babadlali bami bakhathali­le. Ngibona kufanele ngabe siphume namaphuzu amathathu. Kodwa ke ukuthola iphuzu kwiPirates kulungile,” kusho uTinkler.

nKhonamanj­alo iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi iSuperSpor­t izoqhubeka nokusakaza yonke imiqhudelw­ano yePSL kumasizini amahlanu ezayo kusukela ngeka2019/2020 ngemuva kokuwina ilungelo.

Usihlalo wePSL u-Irvin Khoza uthe: “I-PSL iyajabula ukuqhuebek­a nobudlelwa­no osebube khona iminyaka engu-10 nosekwenze iPremier Soccer League yakhula. Sicabanga ukuthi lobu budlelwano sekuyizuzi­se kakhulu iPSL, amaqembu ayo, abadlali nebhola laseNingiz­imu Afrika.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa