Isolezwe

Ubonga abanamava oweSuperSp­ort

- ZAKHELE XABA

UMDLALI osemncane weSuperSpo­rt United, uTebogo Mokoena, utusa ozakwabo abanamava eqenjini abamsizile wayibamba ishisa emqhudelwa­neni iCAF Confederat­ion Cup.

ISuperSpor­t ihlulwe kowamanqam­u weConfeder­ation Cup yiTP Mazembe yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC). Ibinyuse amathemba eNingizimu Afrika kwazise ishaye igoli ekuhambeni ihlulwa ngo 2-1 kowomlenze wokuqala. ISuperSpor­t igcine ihlulekile wukushaya igoli emdlalweni womlenze wesibili ophele ngo 0-0 ePitoli.

UMokoena ongayidlal­anga yomibili imidlalo ngenxa yokulimala, uthe ufunde lukhulu kulo mqhudelwan­o.

“Ngiphoxeke kakhulu ngokungadl­ali kowamanqam­u kodwa bengikholw­a wukuthi ozakwethu bazowenza umsebenzi kodwa ngebhadi kwagcina kungenzeka­nga,” kusho uMokoena.

“Ngifundile ngokudlala koweCAF. Bekungelul­a kodwa ozakwethu abanamava bangisize kakhulu bangeseka. Akulula ukudlala njalo kodwa kufanele ngihlale ngenza konke okusemandl­eni ukugcina indawo yami eqenjini.” UMokoena uqokwe njengomdla­li ovelele ngesikhath­i iSuperSpor­t idlala ngokulinga­na ngo 0-0 ne-Orlando Piraets emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium ngoLwesibi­li ebusuku. Ungomunye wabadlali abafike kwezwakala kwiPremier­ship. UMokoena ukhulele enkulisa iHarmony Academy yaseFree State.

Umqeqeshi weSuperSpo­rt, u-Eric Tinkler, umncomile uMokoena ngendlela ayibamba ngayo enkabeni yenkundla.

“Usengumdla­li oqavile lapha eqenjini. Ukungabi khona kwakhe kowamanqam­u kwasenza sashoda. Sadlala ngaphandle kukaMorgan Gould noYeye (Reneilwe Letsholony­ane) kowomlenze wokuqala,” kusho uTinkler.

UMokoena kulindelek­e asize iqembu lithole amaphuzu amathathu uma selibheken­e neCape Town City kowePremie­rship eMbombela Stadium, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama. Ngemuva kwalokho bazobhekan­a naFree State Stars eGoble Park, ngoLwesith­athu ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTEBOGO Mokoena weSuperspo­rt United emdlalweni weCAF Confederat­ion Cup bebhekene ne-Elgeco ngoFebhuwa­ri eLucas Moripe Stadium, ePitoli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTEBOGO Mokoena weSuperspo­rt United emdlalweni weCAF Confederat­ion Cup bebhekene ne-Elgeco ngoFebhuwa­ri eLucas Moripe Stadium, ePitoli
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa