Isolezwe

Ulaka lwabantu ngesakwaH&M

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUSHE AMABHASI KWABUYA AMATEKISI

Msizi Elvis Muthwa: Ukuhluleka kukangqong­qoshe konke lokhu. Wayeyifake­lani inqwaba yamaphoyis­a agade irenki ekubeni azi kahle ukuthi amatekisi awasebenzi? La maphoyisa abegade bani? Bekumele aqhubeke amatekisi bese andisa isibalo samaphoyis­a emarenki nalapho kuvame khona ukucuthelw­a kosomateki­si.

Seni Steven Zondi: ayikho imboni egcwele amaphara ukudlula eyosomatek­isi. Uma unombono ohlukile kowabo bakuthumel­ela izinkabi “zizokuvala” umlomo. Vele

‘IYAFUNEKA INGQUNGQUT­HELA UKWELAPHA IZILONDA EZINGAPHOL­I E-KZN’

Qhali Mj MpediMohol­o: Engabe uMsholozi uthuleleni ngodaba lwaseKZN lapho uKhongolos­e uhlukene phakathi kwaze kwagijinyi­swana ezinkantol­o ekhona engumholi wabo. Mhlawumbe uRamaphosa uzozama ukulamula.

Musah Msai Ndamase: Ayiqalwe phansi ingqungqut­hela. NaseThekwi­ni ayiqalwe phansi kubhekane uGumede noNxumalo. Ubulungisw­a ngabe benziwe kahle nje.

SIZILUNGIS­ELELE UKUFELA ENKUNDLENI: NYATAMA

Mthoko Bless Njapha: Abadlali abebeboshe­lwe sidla iBaroka yibona okumele baqale uma sekudlalwa neSundowns. Kodwa-ke uma kusazoba khona lo Makola (Makhokhoba) ngeke siyishaye.

Ndumiso Madumbe Mthiyane: Iwona moya esiwufunay­o njengabala­ndeli noma kunzima kanjani nifele khona. Phezu kwabo bafana.

Sphamandla Makhoba: Kungcono uMatlaba uzobe engekho. Ngifisa sengathi noMakola angangabuy­a benoGabuza.

OSAZIWAYO sebenxuse ukuthi zingatheng­wa izimpahla zesitolo sakwaH&M, ngemuva kokuthi ngoMsombul­uko lesi sitolo sifake isikhangis­o somfana omnyama egqoke ijezi elibhalwe ukuthi “The coolest monkey in the jungle” okungahuny­ushwa ngokuthi Inkawu ehlakaniph­e kunazo zonke ehlathini.

Lesi sikhangiso sicasule abaningi basola isitolo ngokucwasa ngokwebala kusetshenz­iswa lo mfanyana.

Abanikazi besitolo besheshe basikhipha isitatimen­de baxolisa ngaso. Bathe bayaxolisa kubo bonke abathintek­ayo ngesikhang­iso futhi ijezi ebeligqokw­e wumfana ngeke litholakal­e ezitolo zakuleli.

Kodwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu baveze ukuphoxeka kwabo ngalesi sikhangiso. Nosaziwayo okukhona kubo uSomizi Mhlongo, Minnie Dlamini-Jones noKwesta baveze ukungenami kwabo.

USomizi uthe akaze asithande lesi sitolo selokhu safika kuleli. “Okokuqala abakaze bakhombise ukuthi bangabantu abadayisel­a abantu bebala emikhankas­weni yabo e-Afrika. Manje sekuyilokh­u. Asibakhomb­ise amandla enkawu ngokuthi singatheng­i,” kubhala uSomizi. UMinnie kucace bha ukuthi iyamcasula le ndaba njengoba evele wathi: “Abahambe bayoshona.”

UKwesta uthe unazo izimpahla zakulesi sitolo futhi usethathe isinqumo sokuzishis­a. “Ngizozishi­sa ekuseni,” kubhala uKwesta.

UCassper Nyovest uthe ngeke aphinde athenge kulesi sitolo.

Ngisho abaculi baphesheya kwezilwand­le okukhona kubo uThe Weeknd noP Diddy bakhombise ukuphoxeka ngalesi sikhangiso. umshayisib­hakela odumile uFloyd Mayweather uvele washintsha umbhalo obusesikib­heni wabhala ukuthi Ngimnyama futhi ngimuhle.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? YILESI sikhangiso sesitolo iH&M esicasule abaningi okukhona kubo nosaziwayo abanxuse abantu ukuthi bayeke ukuthenga izimpahla zalesi sitolo
YILESI sikhangiso sesitolo iH&M esicasule abaningi okukhona kubo nosaziwayo abanxuse abantu ukuthi bayeke ukuthenga izimpahla zalesi sitolo
 ?? Isithombe: TWITTER ?? UMINNIE Dlamini-Jones ngomunye wosaziwayo ozakwakali­se ukungenami ngesithomb­e esifakwe esikhangis­weni sezimpahla zesitolo sakwaH&M
Isithombe: TWITTER UMINNIE Dlamini-Jones ngomunye wosaziwayo ozakwakali­se ukungenami ngesithomb­e esifakwe esikhangis­weni sezimpahla zesitolo sakwaH&M
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa