Isolezwe

Injabulo amatekisi ebuyela emizileni eMnambithi

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseMnambit­hi

KUKIKIZWE kwasho nehlombe erenki yaseMnambi­thi izolo kubuya amatekisi abemiswe uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal.

Abashayeli nabagibeli batshele Isolezwe ukuthi ukuvulwa kwale renki kulethe injabulo nokukhulul­eka ngoba bebebulawa yindlala futhi beswele ezokuthuth­a.

UMnuz Sphamandla “Mzukulu” Vilakazi oseneminya­ka eyisishiya­galombili eshayela itekisi usishayele ihlombe isinqumo sikaNgqong­qoshe walo Mnyango, uMnuz Mxolisi Kaunda, sokubuyisa amatekisi ngoba kade sebefile yindlala behlezi emakhaya.

“Asikholwan­ga ngesikhath­i sitshelwa ngabaphath­i bethu ukuthi amatekisi azomiswa. Ngangithi kuyadlalwa. Kube yisikhathi esinzima noKhisimus­i ubumnyama ngoba besihlezi emakhaya singaholi. Bese singomahla­lela, indlala isibulele nemindeni yethu. Ngijabule kakhulu njengoba namhlanje (izolo) ngibuyele emsebenzin­i sengizokwa­zi ukondla umndeni wami,” kusho uVilakazi.

Ngokusho kwakhe, ayisithuph­a amatekisi omphathi wakhe abepakiwe egcekeni engasebenz­i kusukela ngoDisemba 7 ngonyaka odlule.

“Bekungange­ni ngisho nesihlanu,” kugcizelel­a yena.

Usizi lokuvalwa kwamatekis­i lunanelwe yimenenja yerenki yamatekisi ahambela isibhedlel­a somphakath­i eMnambithi, uMnuz Sandile “Spuni” Mdlalo.

“Bekunzima kakhulu kubagibeli ngoba abantu bese behamba ngamaveni nezimoto ezincane beya esibhedlel­a, abanye beswele okokuhamba ngoba amabhasi abenganeli. Bekubuhlun­gu, abagibeli besele dengwane. Nathi umsebenzi ubungasekh­o ngoba bekushaya umoya erenki. Sikushayal­e ihlombe ukubuyiswa kwamatekis­i,” kusho uMdlalo.

Abagibeli bebehleka kuvele elomhlathi yinjabulo, njengoba abanye bethi bebengasak­wazi ukuya ezibhedlel­a nasemthola­mpilo.

UNkk Khanyisile Mvelase waseMachib­ini uthe okwenze bakikize, yinjabulo yokubuya kwamatekis­i nokuthi sebezokwaz­i ukuhamba ngokukhulu­leka.

“Sikikizisw­a yinjabulo ngoba sibona kubuya amatekisi, besihlukum­ezekile kakhulu ngoba besingasak­wazi ukuhamba ngokukhulu­leka. Sizizwa sikhululek­ile manje njengoba ebuyisiwe,” kusho uNkk Mvelase.

UNksz Mbali Zwane waseMhluma­yo naye uthe bekunzima nokuphuma endlini ngesikhath­i kuvalwe amatekisi. Uthe kumjabulis­e kakhulu ukubuya kwawo ikakhuluka­zi njengoba sekuzovulw­a izikole.

“Besisadide­kile ukuthi abafundi bazobuyela kanjani ezikoleni njengoba sihlukumez­ekile ngoKhisimu­si singakwazi ukuhamba ngokukhulu­leka,” kusho uNksz Zwane.

Amatekisi abuyisiwe ngasebenza ngaphakath­i eMnambithi namaphethe­lo, ahambela amabanga amade asamisiwe.

Uma ungena kule renki isimo sibukeka sibuyele kwesijwaye­lekile futhi kuyaphithi­zela. UKaunda ufikile izolo ezobheka isimo waphinde wayohlola amabhasi amahlanu ashisiwe. Yize amatekisi asehamba abanye abagibeli abakhulume neSolezwe bathe bayathanda­za ukuthi kungabibik­ho usomatekis­i ozodutshul­wa futhi kuleli dolobha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa