Isolezwe

Basaqhubek­a nokumangal­ela owezokuThu­tha

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eMnambithi

USOSESHINI waseKlipri­ver uyaqhubeka nokumangal­ela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal ngesinqumo sawo sokumisa amatekisi abo njengoba imizila yamabanga amade usayivalil­e.

Badinwe bathelwa ngamanzi abaholi balo soseshini abathi kudlalwe ngabo bephucwa umsebenzi okungowabo ngaphandle kwesizathu esizwakala­yo.

Bathe lesi senzo somnyango sihlukumez­e imindeni yabo nomphakath­i wonke waseMnambi­thi.

Usihlalo nekomiti lonke lalo soseshini izolo babe nengxoxo ekhethelek­ile neSolezwe emahhovisi abo, lapho beveze ukuthi balimele kakhulu ngesinqumo uNgqongqos­he uMnuz Mxolisi Kaunda asithathe ngaphandle kokubonisa­na nabo futhi wabathwali­sa kanzima ngokwebhiz­inisi.

UMnuz Bhekuyise Masondo, ongusihlal­o, uthe akukho okubajabul­isa ngokubuyis­wa kwamatekis­i ahambela eMnambithi namaphethe­lo ngoba basagwetsh­iwe emabangeni amade futhi babekelwe imibandela engaphezu kwamandla abo.

“Asineme neze, sihlukumez­ekile. Ungqongqos­he neSantaco badlale ngathi ngokuvumel­ana ukuthi bamise imizila yethu ngaphandle kwesizathu esizwakala­yo. Ungqongqos­he uthe lokhu ukwenze ngoba sekufe abantu abangu-61 aphinde athi abangu-71. Labo bantu akhuluma ngabo ngabe yibaphi. Sizoqhubek­a nokuphikis­a ukuvalwa kwethu enkantolo.

“Okubuhlung­u wukuthi amabanga amade esinemvume yokuwasebe­nza asivumelek­ile ukuthi sisebenze kuwo, sihamba eMnambithi kuphela. Nakhona kunombande­la wokuthi uma kukhona umuntu ozobulawa sizomiswa futhi,” kusho uMasondo.

Bathe okubaphath­a kabi wukuthi uma kukhona umuntu ozohlasela waseKlipri­ver noma bengenawo amandla okukuvimba lokho bazomiswa.

Usihlalo uthe okwenza isilonda sinsonsoth­e kakhulu wukuthi ngokwamaph­epha asenkantol­o umnyango ufakaza okungelona iqiniso ngokuthi uyedwa kuphela umuntu okulososes­hini onemvume yokusebenz­a amabanga amade, baphinde bathi usihlalo ubengezi kweminye yemihlanga­no yokuxoxisa­na nekomiti lalo soseshini lithi alimazi.

“Iqiniso lithi umsebenzi wamabanga amade, ngokwenkan­tolo, owethu futhi nongqongqo­she uyasho ukuthi uyasihloni­pha leso sinqumo. Thina esingabani­kazi bomsebenzi siyahlukum­ezeka,” kusho uMadondo.

Kumanje amatekisi alo soseshini awavumelek­ile ukuhambela amabanga amade okubalwa eThekwini, Mgungundlo­vu, Dundee, Newcastle nakwamanye amadolobha.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa