Isolezwe

Izinhlelo zokusiza abafundi abangazifa­kanga izicelo

- MHLENGI SHANGASE

INHLANGANO emele amanyuvesi i-Universiti­es South Africa (USAF) ithi kunezinhle­lo zokusiza abafundi abangazifa­kanga izicelo zokufunda kulo nyaka.

Le nhlangano ithi zonke izikhungo zizobamuke­la abafundi abangazifa­kanga izicelo zokufunda kodwa yanxusa ukuthi abafundi balandele imigudu efanele ukufaka lezi zicelo.

USolwazi Ahmed Bawa, oyisikhulu esiphezulu sale nhlangano, uthe akuyona into entsha ukugasela kwabafundi bengazifak­anga izicelo zokufunda emanyuvesi ngoba yinto eyenzeka minyaka yonke kodwa banezinhle­lo zokubasiza.

Uthe amanyuvesi azobazisa abafundi ngezinhlel­o zokubemuke­la wathi nesikhungo soMnyango weMfundo kuzwelonke sokufaka izicelo iCentral Applicatio­ns Clearing House sizobasiza.

“Lesi sikhungo sithola amanyuvesi angagcwele ukuze abafundi bathole izikhala. Asifuni futhi bame kolayini abade bashiswe yilanga besalinde ukuzwa ukuthi isikhala sikhona yini kuleyo nyuvesi. Asifuni kuphindeke inhlekelel­e eyenzeka, lapho kwashona umzali kunyathelw­ana eNyuvesi yaseJohann­esburg,” kusho uBawa.

Uthe abafundi bazokwamuk­elwa uma kungukuthi zisekhona izikhala.

“Amanyuvesi ngeke anyuse isibalo sabantu abazothath­wa ngoba lokhu kunomthele­la. Ukuthi bangaki abazothath­wa kulele ekutheni ikhona yini ingqalasiz­inda ehambisana nalokho.”

Le nhlangano ihlangane noMnyango weMfundo ephakeme nesikhwama esixhasa abafundi ngezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme ngoMsombul­uko ukuzoxoxa ngokwamuke­lwa kwabafundi kulo nyaka.

Okhulumela uphiko lwentsha ye-EFF, uMnuz Mangaliso Sambo, uthe bahlangene nomnyango, abamanyuve­si kanjalo namakolish­i ngezinto abakhala ngazo. Uthe kubhungwe ngezinto eziningi ezithinta imfundo yamahhala, ukungakhok­hi imali yokubhalis­a emanyuvesi nasemakoli­shi.

IKhomishin­i yamaLungel­o aBantu inxuse ukuthi kusetshenz­iswane ukuze uhlelo lokubhalis­wa kwabafundi lube nokuthula.

Le nhlangano ithe kubaluleki­le ukuthi izinkinga zisheshe zixazululw­e ukuze kungaqubuk­i udlame, kushiswe impahla bese kuphazamis­eka ukufunda. Esitatimen­deni ithe uhulumeni kumele achazele umphakathi ngokuthi izohlinzek­wa kanjani imfundo yamahhala.

Zingu-208 000 izikhala ezikhona emanyuvesi kulo nyaka, babalelwa ku-150 000 abafundi abaphasa ngama-bachelor kwa-matric abazokwazi ukungena emanyuvesi akuleli.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? ABAFUNDI abafuna izikhala e-Unisa eThekwini bebambe ulayini ongena kulesi sikhungo
Isithombe: GCINA NDWALANE ABAFUNDI abafuna izikhala e-Unisa eThekwini bebambe ulayini ongena kulesi sikhungo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa