Isolezwe

ISilo sikhuthaza amadoda ukuba aye ukuyosoka

- MLUNGISI GUMEDE

ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini, sinxuse amadoda ukuba asoke ngenhloso yokulwa nokubhebhe­theka kwegciwane nengculazi.

Sikhuluma emcimbini wokwamukel­a amadoda abephuma ukuyosoka ezikhungwe­ni eziyisithu­pha eKokstad ngaphansi kwesifunda iHarry Gwala izolo, iSilo sithe savuselela isiko lokusoka KwaZulu-Natal ngoba sikhathaze­kile ngezinga eliphezulu lokufa kwabantu ngenxa yegciwane lengculazi.

Imbube ithe angaphezu kuka-700 000, amadoda asesokiwe kusukela sivuselele leli siko ngo-2009.

Ilembe eleqa amanye, uShaka kaSenzanga­khona, lamisa isiko lokusoka ngoba likhala ngokuthi lolu hlelo lwaluphaza­misa umsebenzi walo wokubumba isizwe njengoba amadoda amaningi ayengakwaz­i ukuphuma ayobamba impi ngesikhath­i sokusoka.

Ongangezwe lakhe uphinde wanxusa uhulumeni ukuba asebenzise indlela yesintu neyaseNtsh­onalanga uma eqhuba leli siko.

Baningi abafana abashonele entabeni ikakhuluka­zi ko-Eastern Cape uma kuqhutshwa isiko lokusoka.

Ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi, uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ubonge Imbube ngobuholi bayo obunombono ngokuvusel­ela isiko lokusoka.

“Njengohulu­meni wesifundaz­we siyajabula ukubona amadoda asemancane eKokstad enza isiko lokusoka ngendlela ephephile. Kuyasijabu­lisa futhi ukubona lawa madoda efundiswa ngomsebenz­i nangeqhaza lawo emphakathi­ni,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Lo mcimbi ubuhanjelw­e yizikhulu zikahulume­ni waKwaZulu-Natal kubalwa uNgqongqos­he wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNkk Weziwe Thusi, uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko uNkk Bongi Sithole-Moloi noNgqongqo­she wezokuHlal­iswa kwaBantu uMnuz Ravi Pillay.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa