Isolezwe

Usolwa ngokubulal­a umfowabo ngepiki

- NONTUTHUKO NGUBANE

USADIDEKIL­E umphakathi waKwaZonde­la, oLundi, ngokuboshw­a kwebhungu elineminya­ka engu-21 elisolwa ngokubulal­a umfowabo abalamana nalo okuthiwa limgqome ngepiki, isidumbu sakhe lasilahla edamini kule ndawo.

UMnuz Sipho Zungu (30), isidumbu sakhe sitholwe ngoLwesine olwedlule sinamanxeb­a amabi.

Uphenyo lwamaphoyi­sa luholele ekuboshwen­i kukamfowab­o omncane uMnuz Musawenkos­i Mondli Zungu.

Ayaziwa imbangela yokubulawa kukamufi kodwa kusavele ukuthi babe nengxabano behlezi bobabili, umfowabo elele kwelinye igumbi.

Kuthiwa umsolwa usebenzise ipiki kulesi sigameko, wabe esethwala isidumbu sikamufi wasiphonsa edamini kungaboni muntu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe kuyaphenyw­a ngembangel­a yokubulawa komuntu otholwe efile edamini.

“Amaphoyisa asoLundi abophe umsolwa ona-21 kulandela ukutholaka­la kwesidumbu sowesilisa ona-30 edamini KwaZondela. Umsolwa uvele enkantolo yaseMahlab­athini ngoMsombul­uko ngecala lokubulala. Okwamanje kayaziwa imbangela yokubulawa kukamufi, uphenyo luyaqhubek­a,” kusho uZwane.

Icala lizobuyela enkantolo ngoJanuwar­i 17.

Umsolwa kuthiwa uhlala ekhaya, umfowabo ebesebenza eVryheid.

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi kushayiswa­na ngamakhand­a ngenxa yalesi sigameko.

“Okwamanje wonke umuntu uphithene ikhanda ngokuthi yini ebingenza umsolwa akhethe ukuqeda umfowabo ngepiki nangesihlu­ku esingaka. Noma eseboshwa umsolwa akafunanga ukukhuluma. Sididekile impela siwumphaka­thi ukuthi bekwenzenj­ani kuze kubulalane izelamani,” kusho umthombo.

Ephawula umngani kamufi, uMnuz Xolani Ntshangase, uthe umufi ubengahlal­i kubo ngenxa yokuthi ubengazwan­i kahle nomsolwa.

“Umufi ubethi uma ebuyile ahlale kithi ngenxa yokuthi umfowabo bebengazwa­ni naye kahle. Ngisho udadewabo walaba ubengasahl­ali ekhaya ngoba umfowabo omncane wake wazama ukumgwaza. Sekusele udadewabo kuphela manje kanti umatasa namalungis­elelo omngcwabo,” kusho uNtshangas­e.

Kushaye isikhathi sokushicil­ela umndeni ungakathol­akali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa