Usolwa ngokubulala umfowabo ngepiki
USADIDEKILE umphakathi waKwaZondela, oLundi, ngokuboshwa kwebhungu elineminyaka engu-21 elisolwa ngokubulala umfowabo abalamana nalo okuthiwa limgqome ngepiki, isidumbu sakhe lasilahla edamini kule ndawo.
UMnuz Sipho Zungu (30), isidumbu sakhe sitholwe ngoLwesine olwedlule sinamanxeba amabi.
Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kukamfowabo omncane uMnuz Musawenkosi Mondli Zungu.
Ayaziwa imbangela yokubulawa kukamufi kodwa kusavele ukuthi babe nengxabano behlezi bobabili, umfowabo elele kwelinye igumbi.
Kuthiwa umsolwa usebenzise ipiki kulesi sigameko, wabe esethwala isidumbu sikamufi wasiphonsa edamini kungaboni muntu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe kuyaphenywa ngembangela yokubulawa komuntu otholwe efile edamini.
“Amaphoyisa asoLundi abophe umsolwa ona-21 kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesilisa ona-30 edamini KwaZondela. Umsolwa uvele enkantolo yaseMahlabathini ngoMsombuluko ngecala lokubulala. Okwamanje kayaziwa imbangela yokubulawa kukamufi, uphenyo luyaqhubeka,” kusho uZwane.
Icala lizobuyela enkantolo ngoJanuwari 17.
Umsolwa kuthiwa uhlala ekhaya, umfowabo ebesebenza eVryheid.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi kushayiswana ngamakhanda ngenxa yalesi sigameko.
“Okwamanje wonke umuntu uphithene ikhanda ngokuthi yini ebingenza umsolwa akhethe ukuqeda umfowabo ngepiki nangesihluku esingaka. Noma eseboshwa umsolwa akafunanga ukukhuluma. Sididekile impela siwumphakathi ukuthi bekwenzenjani kuze kubulalane izelamani,” kusho umthombo.
Ephawula umngani kamufi, uMnuz Xolani Ntshangase, uthe umufi ubengahlali kubo ngenxa yokuthi ubengazwani kahle nomsolwa.
“Umufi ubethi uma ebuyile ahlale kithi ngenxa yokuthi umfowabo bebengazwani naye kahle. Ngisho udadewabo walaba ubengasahlali ekhaya ngoba umfowabo omncane wake wazama ukumgwaza. Sekusele udadewabo kuphela manje kanti umatasa namalungiselelo omngcwabo,” kusho uNtshangase.
Kushaye isikhathi sokushicilela umndeni ungakatholakali.