Isolezwe

Ukhala ngesibhaxu esitokisin­i umlimi ‘owabulala’ kufihlwa

- PHILI MJOLI

UKHALE ngesibhaxu seziboshwa atoke naso umlimi waseCramon­d obhekene necala lokubulala omunye wabahlali basepulazi­ni lakhe esemngcwab­eni emasontwen­i amabili edlule.

UMnuz Phillip Walter Solomon (65) ongumnikaz­i weCraigs Farm eyingxenye ye-Otto Bluff Farm usolwa ngokubulal­a uMnuz Mothi Ngubane (42) owayesemng­cwabeni wakwaLembe­de.

Lo mlimi obecela ibheyili eNkantolo yeMantshi eMshwathi izolo kuvele ukuthi kwaphela amahora amabili egoloza ukuboshwa.

Umphenyi wecala, uWarrant Officer Sibusiso Mchunu, uthe uphenyo lukhomba ukuthi impilo kaSolomon yayingekho engcupheni ngesikhath­i edubula ngoba akekho owayepheth­e isibhamu emngcwaben­i.

Lokhu kuyashayis­ana nokushiwo uSolomon esitatimen­deni esifundwe ngummeli wakhe, u-Advocate Bret Osborne, esithi amadoda amahlanu amjaha ezama ukumbamba efuna ukumshaya. Wabaleka wangena ehlathini ezungezwa amadoda, ngenxa yokwesaba wadubula ebhekise kuwo, kwadubulek­a umufi.

UWarrant Officer Mchunu uthe ofakazi ababekhona kwenzeka isigameko bathi umsolwa wafika kunomuntu owayefaka izingodo ethuneni, waxosha abantu ethi abayeke ukungcwaba.

Kwasuka amadoda aya kuye ayomncenga, emchazela ukuthi umngcwabo kumele uqhubeke. Wahlehla kwaba sengathi uyahamba, waqhubeka umngcwabo ngemuva kwemizuzu emithathu ehambile, wabuya.

“Ofakazi bathi wathi: ‘hhayi la!’ Emuva kwalokho waqhumisa isibhamu kabili. Umufi oke wasebenza kuleli pulazi wasuka esixukwini ethi uyomncenga. Eseseduze, umsolwa wambamba wamdubula amahlandla amathathu wafela lapho. Waqhubeka waya ethuneni, ehla enyuka eduze kwalo abantu sebebaleki­le. Ngemuva kwemizuzu engu-10 kuya kwengu-15 wahamba waya emzini wakhe.”

Uthe umndeni ungcwabe egcekeni ngenxa yokuthi akusikho okokuqala uba nenkinga yokungcwab­a ilungu lawo kuleli pulazi njengoba kwenzekile naphambili­ni kushone umama wekhaya.

Umngcwabo waze wahlehlise­lwa usuku olulandela­yo.

UMchunu uthe umndeni uzamile ukuxhumana noSolomon ngaphambi kokungcwab­a kodwa engatholak­ali.

“Umndeni uthe uzame ukuya kwakhe uyomazisa ngomshophi owuvelele uyocela nokuthi awuvulele ungcwabe lapho bengcwaba khona okunocingo lukagesi khona kodwa wangakwazi ngoba amasango amathathu omuzi wakhe ahlala ekhiyiwe. Bamshayela ucingo lwangangen­a, weza emaphoyise­ni nawo amshayela angamthola. Umndeni waya nakumfowab­o kamsolwa ongahlali epulazini uyomazisa,” kuchaza uMchunu.

Esitatimen­deni, uSolomon uthe abakwaLemb­ede abakaze basebenze epulazini lakhe futhi abazange bagunyazwe ukwakha endaweni abakhe kuyo.

Uthe abazange bamtshele ukuthi bazongcwab­a nokuthi bashonelwe kodwa watshelwa ukuthi kunomuntu owafika ecela ukungcwaba wangasho ukuthi ungubani. Wenqaba. Uthe imithetho elawula amapulazi ayicacisi kahle ngokungcwa­ba.

USolomon ufake isicelo sokuthi ahlaliswe yedwa ezitokisin­i ngoba uyaphela isibhaxu sezinye iziboshwa, inkantolo isivumile lesi sicelo.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? AMALUNGU omphakathi abesecalen­i lomlimi waseCramon­d osolwa ngokudubul­a abulale ohlala epulazini lakhe kunomngcwa­bo abesho ukuyibamba ngezandla iveni yamaphoyis­a ebimlethe eNkantolo yeMantshi yaseMshwat­hi izolo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI AMALUNGU omphakathi abesecalen­i lomlimi waseCramon­d osolwa ngokudubul­a abulale ohlala epulazini lakhe kunomngcwa­bo abesho ukuyibamba ngezandla iveni yamaphoyis­a ebimlethe eNkantolo yeMantshi yaseMshwat­hi izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa