Isolezwe

Isexwayiso ngokukokot­ela izitifiket­i kwabafeyil­e u-matric

- MHLENGI SHANGASE

INHLANGANO okuhlolwa kuyo ubuqiniso beziqu nezitifike­ti zika-matric isinxuse abafundi abafeyile u-matric nabangakwa­zi ukungena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ukuthi bangakokot­eli izitifiket­i zabo ngoba befuna ukuthola umsebenzi noma isikhala sokufunda.

Le nhlangano, iManaged Integrity Evaluation (MIE), ithe nakuba izinga lokuphasa kwamatric lenyukile laba ngu-75.1% kodwa yidlanzana elizongena emanyuvesi.

Isho lokhu nje babalelwa ku-150 000 abafundi abaphase ngama-bachelor azobenza bangene emanyuvesi kubafundi ababalelwa ku-650 000 ababhale u-matric ngonyaka odlule.

Isikhulu se-MIE, uNksz Ina Van der Merwe, sithe abafundi abangakwaz­i ukungena emanyuvesi bazoncinti­sana nabafuna umsebenzi.

“Abanye abafundi kungenzeka balingeke bakokotele imiphumela yabo ukuze babe semathuben­i okuthola umsebenzi njengoba nezinga lokungaseb­enzi limi ku-38% kulabo abaneminya­ka engu-15 kuya ku-24. Yisikhathi esinzima lesi kubafundi, ukukokotel­a imiphumela kungabafak­a kwenkulu inkinga yokuthi balahlekel­we wukwethenj­wa nokungaqas­heki ngomuso,” kwexwayisa uNksz Van der Merwe.

Uthe ucwaningo abalwenze kuqala unyaka nyakenye luveze ukuthi abaqashi abaningi bayazibhek­a iziqu zabasuke befuna umsebenzi.

“Ukubhekwa kweziqu kulele isibili ezintweni ezibhekwa abaqashi, eyokuqala abayibheka kakhulu yirekhodi lokulahlwa amacala. Ucwaningo luveze ukuthi siyanda isibalo sezitifike­ti zika-matric ezikokotel­wayo ngabasuke befuna umsebenzi,” kusho uNksz Van der Merwe.

Uthe kufakana enkingeni ukukokotel­a iziqu kunokuthi uthi awunawo u-matric.

Minyaka yonke le nhlangano ibheka iziqu ezingumkok­otelo isebenzisa­na nezinkampa­ni ezehlukene.

UNksz Van der Merwe uthe abafundi abangaphum­elelanga kumele babheke amaphepha abebewabha­la bacele ukuphinda bamakelwe ngoba yilungelo labo.

Uthe bangabhala neziviviny­o zokuchibiy­ela leli banga ukuze babe no-matric osemthethw­eni kunokuwuko­kotela.

“Bangaphind­a nonyaka wonke ukuze bathole imiphumela emihle noma baye emakolishi bayokwenza imikhakha elingana no-matric. Ngaso sonke isikhathi kumele uhlale ukhuluma iqiniso ngemiphume­la onayo ngoba ukwenza umkhonyovu kungenza ungaqashek­i,” kuxwayisa uNksz Van der Merwe.

 ??  ?? IMEYA yaseCape Town uNkk Patricia de Lille ebhekene nenselelo yokuthi ikhonjwe indlela i-DA ngoba isolwa ngokuhlala phezu kwezinsolo zenkohlaka­lo emkhandlwi­ni
IMEYA yaseCape Town uNkk Patricia de Lille ebhekene nenselelo yokuthi ikhonjwe indlela i-DA ngoba isolwa ngokuhlala phezu kwezinsolo zenkohlaka­lo emkhandlwi­ni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa