Isolezwe

Kumenyezel­we ijaji lekhomishi­ni ezophenya ukulawulwa kombuso

- IZINTATHEL­I ZESOLEZWE

LUGCINE lugobile uphondo kuMengamel­i Jacob Zuma njengoba ebengaphan­si kwengcinde­zi yokuthi aqoke ikhomishin­i ezophenya ngezinsolo zokulawulw­a kombuso yidlanzana.

Izolo uZuma umemezele ukuthi iNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng uqoke iPhini lakhe uJaji Raymond Mnyamezeli Mlungisi Zondo ukuthi aphathe le khomishini.

Yize uZuma wayeyalelw­e nguMvikeli woMphakath­i osewaphuma esikhundle­ni u-Adv Thuli Madonsela ukuthi aqoke ikhomishin­i kodwa ubehudula izinyawo.

Kushone elayizolo abantu bethi uZuma wenza lokhu ukuzivikel­a kwazise namhlanje kunomhlang­ano obhekwe ngabomvu wesigungu esiphezulu se-ANC njengoba kubhekwe ukuthi kubhungwe ngekusasa lakhe njengoMeng­ameli wezwe.

Kunengcind­ezi yokuthi ehle esikhundle­ni njengoba abaholi abangaphak­athi kwi-ANC bezwakalis­a ukungenami ngobuholi bakhe.

Umhlaziyi wezepoliti­ki KwaZuluNat­al uMnuz Thabani Khumalo, okhulume neSolezwe ngaphambi kwesinqumo sikaZuma, uthe uyacabanga ukuthi isigungu (iNational Executive Commitee NEC) se-ANC sizothatha isinqumo sokuthi simgudluze uZuma.

“Lolu daba ngilubuka lusukela emphumelen­i wengqungqu­thela kazwelonke. Ngiyakholw­a ukuthi kukhona abaholi benhlangan­o abahlala phansi babuka ukuthi kukhona okuyicatha­melayo, bavumelana ngokuthi akwakhiwe uhlaka lwabaholi abayisithu­pha olufaka zonke izinhlango­thi,” kusho uKhumalo.

Uthe abaholi abaqhamuka neqhinga yibona futhi abucubungu­la indaba yekusasa likaZuma. Uthe akangabazi ukuthi udaba lwekusasa likaZuma luzoba phambili emhlanganw­eni weNEC.

“Angiboni uphela unyaka uZuma esengumeng­ameli. Uma i-ANC izimisele ngempela ngokuzivus­elela kumele umengameli wezwe ashenxe ngoba unamatwayi­twayi amaningi,” kusho uKhumalo.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Bukani Mngoma uthe akaboni uZuma ekhishwa esikhundle­ni.

“Kunzima ukuthi iNEC ingakwazi ukuthatha isinqumo esifana naleso ingakabunj­wa ngisho iNational Working Commiitte (NWC),” kusho uMngoma. Uthe uma iNEC ingase ithathe isinqumo sokuxosha uZuma, lokho kungaphaza­misa imigubho yenhlangan­o yokuphela kweminyaka engu-106 yasungulwa.

“Singaba muncu isimo futhi abalandeli bakaZuma ngeke baze bakujabule­le ukuba ingxenye yemigubho uma umholi abamkhonzi­le esexoshiwe,” kusho uMngoma,

Baningi abaholi be-ANC okubalwa kubo uNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula asebephume­le obala baphawula ngodaba lukaZuma.

UMbalula uthe ukukhishwa kukaZuma kungayisiz­a i-ANC ikwazi ukubuyisa isithunzi sayo ebesesilah­lekile emphakathi­ni.

Ngakolunye uhlangothi, uSihlalo kazwelonke weMKMVA uMnuz Kebby Maphatsoe uxwayise ngokuthi ukukhipha uZuma kungalahle­kisela uKhongolos­e ngamavoti.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa