Isolezwe

‘Akuthusi okwenziwa yiDA kuDe Lille’

- MLUNGISI GUMEDE

UMHLAZIYI wezepoliti­ki, uMnuz Thabani Khumalo, uthi akuthusi ukubona iMeya yaseCape Town, uNkk Patricia De Lille, ibhekene nenselelo yokuthi ikhonjwe indlela yiDA.

UNkk De Lille usolwa ngokufihla izinsolo zenkohlaka­lo kuMasipala waseCape Town.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uKhumalo uthe iDA inomkhuba wokuthi ifike isebenzise abantu kuthi uma isikuzuzil­e ekufunayo bese iyabalaxaz­a kuhle kwenyongo yenyathi.

“Ngadideka kwasekuqal­eni ukuthi uNkk De Lille wayijoyina kanjani iDA ngoba banemibono engafani, ikakhuluka­zi njengoba ephuma kwiPAC,” kusho uKhumalo.

Uthe iDA yayihlose ukuzuza ivoti lamakhalad­i ngokusonde­za uNkk De Lille obeneqembu lakhe i-Independen­t Democrats.

“Akusikho okokuqala iDA yenza le nto. Ike yakwenza nakuMnuz Joe Seremane naye owayephuma kwiPAC, owenziwa iPhini likaMnuz Tony Leon yagcina isiphelile indaba yakhe,” kusho uKhumalo.

Uthe ngeke athuke futhi uma noMnuz Mmusi Maimane esekhonjwa indlela yiDA.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki uMnuz Bukani Mngoma uthe usenkingen­i uNkk De Lille uma izinsolo abhekene nazo ziyiqiniso.

“UNkk De Lille waziwa njengesish­oshuvu esilwa nenkohlaka­lo. Uzokhumbul­a ukuthi nodaba lokuthengw­a kwezikhali kuleli lwapotshoz­elwa yena waqhumbuza ithumba, ukunukwa kwakhe ngenkohlak­alo akukuhle,” kusho uMngoma.

Uthe maningi amathuba okuthi axoshwe uNkk De Lille uma izinsolo abhekene nazo ziyiqiniso.

“Kodwa ngokumazi kwami uNkk De Lille angiboni elala phansi evumela ukuthi iDA izenzele umathanda kuyena,” kusho uMngoma.

UNkk De Lille ucashunwe kwabezinda­ba ethi ngeke avume ukuthi akhishwe emsebenzin­i wakhe ngaphandle kwezizathu ezibambeka­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa