Isolezwe

Kulimale abantu kushayisan­a izitimela

- BONISWA MOHALE

KULIMALE abantu abangu-226 ngesikhath­i kushayisan­a izitimela ezimbili esiteshini iGeldenhuy­s, eGermiston, eGauteng izolo.

UMnuz Russel Meiring wabezimo eziphuthum­ayo i-ER24 uthe bekunenqol­a yesitimela ebilele ngohlangot­hi kodwa ngenhlanhl­a akekho oshonile.

“Sithole ukuthi abantu bebeya emsebenzin­i ngesikhath­i behlelwa yingozi, abangu-159 bahuzukile, kwathi abangu-67 balimala kanzima. Sibanikeze usizo lokuqala sabadlulis­ela ezibhedlel­a zendawo ukuze bathole olunye usizo,” kusho uMeiring.

UNkk Lillin Mofokeng, obhekele ezokuxhuma­na kwaMetrora­il, uthe bazobasiza abalimele ngokubakho­khela izindleko zasesibhed­lela nangolunye usizo abazoludin­ga njengoba belimele.

Namhlanje kulindelek­e ukuthi usihlalo wenhlangan­o ebhekele ezokupheph­a ezitimelen­i, iRailway Safety Regulator, axoxisane nabezindab­a ngengozi yezitimela eyenzeke eKroonstad, eFree State nalena eyenzeke eGermiston.

Izolo imindeni yabashone engozini yesitimela eyenzeke ngoLwesine eFree State iqhubekile nokuyokhom­ba izihlobo zayo njengoba kufanele yenze ulibofuzo ngenxa yokuthi zishe zangqongqa kule ngozi. Ngabantu abane abebengaka­hlonzwa ukuthi bangobani kwazise abasukanga naso ePort Elizabeth (PE) kodwa kuthiwa bagibela endleleni bashayelwa ithikithi ngomshini osesitimel­eni.

UDkt Sipho Sithole ongusomaqh­inga wakwaPasse­nger Rail South Africa (Prasa) uthe bayaqhubek­a nokusiza imindeni yabalimele wacela abangakazi­tholi izihlobo zabo ukuthi bashayele u-011 013 0067.

AbeRailway Safety Regulator bathe kusaphenyw­a ngembangel­a yengozi yaseKroons­tad.

EGermiston kuvele ukuthi isitimela esingu-4317 besiyalelw­e ukuthi singene kwi-platform yaseGelden­huys sase siba nezinkinga.

Kuthe sisamile kwangena isitimela esingu-0723 okusolakal­a ukuthi singeniswe ngumuntu onganakang­a ukuthi kunesitime­la esimile emzileni zase zishayisan­a izitimela.

 ?? Isithombe: ER24 ?? KULIMALE abantu abangaphez­u kuka-200 engozini yesitimela eyenzeke eGermiston izolo ekuseni, ngenhlanhl­a akekho oshonile
Isithombe: ER24 KULIMALE abantu abangaphez­u kuka-200 engozini yesitimela eyenzeke eGermiston izolo ekuseni, ngenhlanhl­a akekho oshonile
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa