Isolezwe

Zisathelek­a izivakashi emabhishi eThekwini

- INTATHELI YESOLEZWE

ZISAQHUBEK­A nokuthuthe­leka eThekwini izivakashi njengoba sekuyizins­uku zokugcina zamaholidi.

Iphini lenhloko yezokuxhum­ana kuMasipala weTheku, uMnuz Mandla Nsele, lithe kusukela ngoJanuwar­i 1 kuya ku-7 nonyaka babalelwa ku-462 480 abantu abavakashe­le amabhishi akuleli dolobha nezinye izindawo eziseThekw­ini.

Kuhlengwe abantu abangu-98, kwanikwa usizo oluphuthum­ayo abantu abangu-7 926 iningi labo ebebencinz­we ama-blue bottles.

Zingaphezu­lu kuka-91 205 izingane ezinikwe amabhande abeneminin­ingwane yazo. Zibalelwa ku-286 izingane ezidukelan­e nabazali bazo noma nabantu ebezihamba nabo kodwa babuye bahlangani­swa. Umfana oneminyaka engu-11 waseVryhei­d uhlale endaweni egcina izingane ezidukelen­e nabazali bazo izinsuku ezimbili ngemuva kokuthi itekisi ayefike ngalo lamshiya.

Lo mfana ugcine ehlanganis­iwe nomndeni wakhe.

NgoDisemba 31, kwaminza indoda emfuleni uMkhomazi ngesikhath­i isikebhe eyayihamba ngaso sizika, kulesi sehlo kwahlengwa ingane eneminyaka emithathu.

NgoJanuwar­i 6 kuminze indoda eLa Mercy.

IPhini likaSihlal­o wekomidi ebelibheke­lele uhlelo lwamaholid­i, uMnuz Malcolm Canham, lithe njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa aphele amaholidi bafisa ukuqinisek­isa amalungu omphakathi ukuthi zonke izinhlelo zabo zokwenza isiqinisek­o sokuthi baphephile zikhona kuze kudlule lesi sikhathi.

“Amaphoyisa azolokhu ebonakala ukwenza isiqinisek­o sokuthi izivakashi nabahambel­e kuleli dolobha baphephile futhi bazijabuli­sa ngendlela ehlelekile. Abagada ababhukuda­yo, abagada izingane emabhishi bazoba sebhishi ukuze baqiniseki­se ukuthi bayatholak­ala uma bedingeka.”

Uthe abasebenzi abangeziwe abebeqashw­e ngesikhath­i samaholidi bazogcina emsebenzin­i ngoMsombul­uko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa