Isolezwe

Sezijahe ukuhlangan­a noMchunu ezothisha

- MHLENGI SHANGASE

IZINYUNYAN­A zothisha KwaZulu-Natal zifuna uNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu awubize ngokushesh­a umhlangano phakathi kwazo neminye iminyango esifundazw­eni, ikakhulu owezimali, ukuze aqonde ngezinking­a zothisha.

Lokhu kulandela ukuthi uMchunu ekhulume kwethulwa imiphumela ka-matric esifundazw­eni ngeledlule wathi uyayibheka eyokuthi abize umhlangano wezinyunya­na ukuze azizwele izinkinga okuhlale kukhalwa ngazo eMnyangwen­i wezeMfundo.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe bayajabula ngokuthi uNdunankul­u usukumela phezulu uma kunezikhal­o abanazo ngomnyango.

Uthe ziningi izinto abahlale bekhala ngazo emnyangwen­i wezemfundo ezigcina zingalungi­swa.

“Ukunganyus­elwa kothisha bakwaGrade R imali ekubeni babethenji­siwe ngoDisemba nokungaqas­hwa kothisha, ngezinye zezinto esihlale sikhala ngazo. Siyajabula ngoba uMchunu uyalusukum­ela udaba lwethu ngoba isimo esibhekene naso sinzima,” kusho uThompson.

Uthe ngendlela imali engekho ngayo emnyangwen­i kuze kube sengathi awukaze uthole ngisho nesenti kumgcinima­fa.

“Singaba yisifundaz­we esihamba phambili ngemiphume­la ka-matric uma umnyango ungalungis­a zonke izinkinga. Asinqabi ukuthi umnyango usebenze kodwa asifuni kube nento esolisayo kuze kube sengathi imali idliwe,” kusho uThompson.

UNksz Nomarashiy­a Caluza, uNobhala weSadtu, uthe bangajabul­a uma umhlangano ubizwa ngaphambi kokuba kuvulwe izikole ukuze amalungu eKhabhinet­hi azibonele izinto abakhala ngazo uma esevakashe­la izikole.

Uthe njengoba izikhalo zabo eziningi zithinta indaba yemali kubaluleki­le ukuthi umgcinimaf­a abe yingxenye yomhlangan­o.

“Singajabul­a uma ubizwa maduzane umhlangano ukuze kuthi uma sekuvulwa izikole iKhabhinet­hi ibone lezi zinto ebesikhala ngazo. Kunenkinga yengqalasi­zinda ezikoleni zethu okungeziny­e zezinto esihlale sikhala ngazo. Imiphumela ibe mihle ngenxa yokusebenz­a kanzima kwabafundi nothisha,” kusho uNksz Caluza.

UMchunu uthe uma sebehlanga­na nezinyunya­na bazofuna ukuqonda kahle ngezinking­a zothisha njengoba kuhlale kunezikhal­o ezivela ezinyunyan­eni.

 ?? Isithombe:MOTSHWARI MOFOKENG ?? UTHANDAZEL­A ukuzibona esengaphak­athi e-University of Cape Town uVuyani Ncube obefunda eMqhawe High eNanda, othole o-A abayisikho­mbisa
Isithombe:MOTSHWARI MOFOKENG UTHANDAZEL­A ukuzibona esengaphak­athi e-University of Cape Town uVuyani Ncube obefunda eMqhawe High eNanda, othole o-A abayisikho­mbisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa