Isolezwe

Ngeke kube lula ukuhlwitha umnotho kwabamhlop­he

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

ABAMHLOPHE bahamba phambili uma kukhulunyw­a ngamabhizi­nisi, ukutshalwa kwemali nokuphathw­a kwezimboni nezakhiwo ezinkulu. Ngisho nasezikhun­dleni nasemaholw­eni abamhlophe basahamba phambili. Ucwaningo lwakamuva lubeka amaphesent­i angu90 omnotho ezandleni zabamhloph­e lapha eNingizimu Afrika. Lokhu kusho ukuthi yingcosana ephethe umnotho njengoba ingevile ku-10% wabamhloph­e lapha ezweni.

Yilesi simo esesisuse umsindo kwezepolit­iki njengoba amaqembu eseqhakamb­isa inkululeko kwezomnoth­o. Nezinhlelo zikahulume­ni zibonakala zigxile ekubuyisel­eni umnotho kwababecin­dezelwe phambilini. Kuyakhutha­zake ukubona izinhlaka ezahlukene zisukumela indaba yomnotho wabamnyama kodwa kufanele samukele ukuthi ngeke kube lula. Iqiniso wukuthi ngeke bavume abamhlophe ukuhlwithw­a iqatha emlonyeni.

Okunye okufanele kucace wukuthi yize uhulumeni eshaya umthetho kodwa ukutshalwa kwemali kuncike kwabamhlop­he abaphethe umnotho. Ngisho imali ephuma kubatshali zimali bamanye amazwe, iningi layo liphethwe yibona abamhlophe. Yize izinhlelo nezinhloso zikahulume­ni zizinhle kodwa kuncane angakwenza ukuqinisek­isa ukuthi umnotho ubuyela kwabamnyam­a. Imithetho evuna amabhizini­si abamnyama yisiqalo esihle kodwa kuningi okufanele osomabhizi­nisi abamnyama bakwenze ukuze babe semathuben­i angcono okuncintis­ana nabamhloph­e. Ngaphandle nje kwemali yokuqala nokuqhuba ibhizinisi kudingeka ukuthi sifinyelel­e ezimakethe ngaphakath­i ezweni nasemhlabe­ni wonkana. Nazo lezi zimakethe ziphethwe abamhlophe. Okunye okubalulek­ile wubudlelwa­ne namabhizin­isi akuphakela imikhiqizo nezinsiza zokuqhuba ibhizinisi lakho. Impumelelo incike kakhulu kulobu budlelwane. Kuyacaca ukuthi ngeke kusisize ukuklolode­la abamhlophe sicabange ukuthi sizowuthat­ha kalula umnotho. Kunalokho kufanele sibheke amathuba okusebenzi­sana nabo ukuze sizicije ngolwazi silungisel­ela ikusasa. Kulokhu kusebenzis­ana kufanele siye ngenhloso yokufunda ukuze ngokuhamba kwesikhath­i ubudlelwan­e buvune thina. Ngeke kube lula njengoba nabo abamhlophe kulindelek­e ukuthi babhekele uhlangothi lwabo. Yilokhu okwenza uhlelo lweBEE luhluleke ukubuyisel­a umnotho ebantwini. Abamhlophe badinga ukusebenzi­sana nathi kanti nathi siyabading­a ukuze sincele ulwazi abanalo.

Akuwona nje amabhizini­si kuphela kodwa nokutshalw­a kwemali kwenganyel­we futhi kwaziwa yibona abamhlophe. Yize bekhona abamnyama abengamele ukutshalwa kwemali kodwa isibalo sabo sincane kakhulu. Ngokunjalo bambalwa abamnyama abanolwazi ngokutshal­a imali ezindaweni ezifana neJSE. Lokhu kusho ukuthi yinde indlela okusafanel­e siyihambe ukuze sibe negxathu elibonakal­ayo kwezomnoth­o.Yebo sinazo izizathu zokusala emuva kangaka kodwa iqiniso wukuthi akekho umuntu ozosihola kufanele sivuke sizithathe. Akusisizi ukubeka yonke into emahlombe kahulumeni kufanele sishintshe ukwenza sizihluphe ngomnotho wethu.

Kuyimanje kunenkulum­o evuthwayo ngokubuyis­elwa komhlaba ebantwini. Umbuzo uthi sikulungel­e yini ukusebenzi­sa umhlaba sikhiqize ukudla sizakhele umnotho? Ngeke yini sibone abantu sebewudayi­sela ezinye izinhlanga umhlaba sigcine sibuyela emuva? Kuyiqiniso ukuthi umhlaba uwumcebo kodwa akwanele ukuba wumnikazi womhlaba kufanele siwusebenz­e. Ukulima ezingeni lokuhweba kudinga imali nezimaketh­e zokudayisa umkhiqizo.

Njengoba osopolitik­i bekhuluma eyokubuyis­ela umnotho kubantu kufanele sizicije ukuze athi efika amathuba sibe sime ngomumo. Kumele sikhulise abantwana abanomqond­o wamabhizin­isi kunokubaci­jela ukuyofuna umsebenzi. Umnotho akube enye yezindaba esizixoxa eziko, ezikoleni nasezimbiz­weni. Uma singenzi kanjalo kufanele sikwamukel­e ukuthi yiphupho ukuphatha umnotho.

Akulula ukuphatha umnotho, ukuqhuba ibhizinisi nokutshala imali ngempumele­lo. Uma sinenhloso ngekusasa kufanele sibhukule sifundisan­e ngomnotho. . Asifunde ngokutshal­a imali ngoba akuyena wonke umuntu onomqondo nesibindi sokuvula ibhizinisi. Esingekuph­ike wukuthi lolu lwazi lugcwele kubona abamhlophe, kuyosizake ukuthi singabaval­eli ngaphandle. Nalapho kufanele siluhluze ulwazi esiluthola­yo seneliseke ukuthi luphusile. Lokho singakwenz­a ngokuxoxa ngalo, siluphicap­hice sibuze imibuzo ukuze siqiniseke ukuthi wulwazi olunohlonz­e.

Akukho ukusonga izandla silindele imana evela eZulwini, ebhizinisi­ni kukheth’ukhethi.

Sishayele ku-031 829 5820. Sithinte kule email address mfundoa@gmail. com. Thumela uWhatsApp ku-083 354 8794 ujoyine UbuntuWeal­th group. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa