Ngicela uhulumeni asize afake ugesi esikoleni iBizimali
MHLELI: Ngithi angidlulise ukuziqhenya ngempumelelo yesikole iBizimali esihlale sikhiqizela amanyuvesi amakhulu abafundi abaphasa ngamalengiso, ekubeni othisha bakhona befundisa ngaphansi kwezimo ezinzima, bengenagesi esikoleni.
Bakhiqizela iNingizimu Afrika minyaka yonke odokotela ngoba sihamba phambili ezifundweni zeSayensi neMaths. Malanga onke sitshelwa ngezikole okuphasa kuzo abafundi ngo100% kube kukhulunywa ngezikole ezamukela abafundi abakhaliphile.
Lesi sikole sithatha uhlobo lwezingane eziphuma kwezinye izikole lapho ebekuthiwa khona MHLELI: Angiqale ngokubonga uMdali ngokusipha lo nyaka siphila.
Nalu udaba oselungikhathaze iminyaka cishe engu-10, wukusebenza kwabameli bezokuhlukaniswa kwamafa. Baze bawuhlupho abantu. Uma udinga usizo nguwena ozitholelayo ekubeni benemali abayitholayo ngalo msebenzi abakwenzela wona.
Uthi uma ubashayela ucingo bathi uyadelela kumele ulinde bona bakubhalele ulinde izinyanga bethule baze bakuphendule mhla kazenzi kahle. Okumangazayo wukuthi izinkampani ezinkulu minyaka yonke zihlale zicuthele abafundi abaphothule khona ngemifundaze. Kodwa azicabangi ukusixhasa ngisho nge-generator enkulu ephehla amandla kagesi.
Ngake ngaxhumana nenye intatheli yephephandaba eliphuma kabili ngesonto, elizinze eMpangeni.
Sahamba naye siya khona emajukujukwini akoHloshane ngicabanga ukuthi ezinye izikhulu zezinkampani zaseRichards Bay, ziyofunda bese zifaka isandla kepha kwacweba iziziba. Nohulumeni wethu wesifundazwe imbala uzigabisa emaphepheni ngezingane zaseBizimali kodwa akukho akwenzayo ngogesi ophela uma udlula kancane eMfongosi, okuyibanga elingaselide ufike eHloshane kodwa akenzi mizamo.
Ngikhuluma nakulo nyaka igile izimanga iBizimali uma ngingaphosisi ngengikuthathe emaphephandabeni baphase kanjena: abaphase ngosimbolo B 234 ; D117 ; H 38. Uma sihlanganisa kusho ukuthi kuphase abafundi abangu 389. Le ndawo ekhiqizela izwe lethu odokotela, othisha, onjiniyela, abameli nazo zonke izingcithabuchopho ezikhona ezweni. Iwashi lakhona emini uma ilanga liphezulu, kuba wukukhala kwembongolo.
Bekungaba yinto enhle uma uhulumeni wethu engangenela ngokusheshisa ukufakela ugesi emphakakathini waseHloshane, okungaba yindlela yokubonga umkhiqizo wesikole sabo.
Lapha kufunda izingane eziphuma ezinkalweni zonke ezimeni ezilukhuni ngoba bafunda ngisho ebusuku.
Ukufakelwa ugesi akusona isidingo socaphunakusale, umphakathi uyadinga ukubonelelwa. Bengingajabula uNgqongqoshe wezeMfundo uMhlonishwa uMthandeni Dlungwane (osesithombeni) angenele ngoba usemncane futhi siyawabona amagalelo akhe kwezemfundo. Ungumabizwa asabele. Simbonile engenelela ezikoleni ebezinezinxushunxushu. Sipho Robert Mpungose ESHOWE