Isolezwe

U-Heavy K noBucie babuyisane ngengoma

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMKHULULI “Heavy K” Siqula uthi ingoma yakhe ethi Inde, ayicula ngokuhlang­anyela noBucie Nqwiliso noNokwazi, ibiyindlel­a yokukhombi­sa ukuthi ingxabano ebikhona phakathi kwabo isiphelile.

UHeavy K noBucie bake bangabona ngaso linye iminyaka ngemuva kokuthi le nsizwa yasePort Elizabeth, ikhale ngokuthi uBucie akayibonga­nga ngesikhath­i emukela indondo emcimbini wamaSAMA ngo-2015.

UHeavy K uthe konke sekwedluli­le manje futhi sebeqale phansi bayasebenz­isana.

“Le ngoma yenze ezibukwayo njengoba ngiyikhiph­e kungasona isikhathi, bekumele iphume kulo nyaka. Ukuphuma isibili ezingomeni ezihambe phambili ngo-2017 kusho lukhulu kimina futhi ngokwami idle umhlangani­so,” kusho uHeavy K.

Uthe ukusebenzi­sana kwakhe noBucie noNokwazi kwaba yinto eyaqhamuka esikhaleni futhi kwaba umbono kaBucie (oke wathi usazoke ahlabe ikhefu emculweni).

“Wayehlala engitshela ukuthi njengoba isimo sesingcono phakathi kwethu, ungikwelet­a ingoma. Ngathi sengiyibha­lile sengiqedil­e ngambiza ngizomlale­lisa yona, kula aveza khona umbono wokuthi iphimbo likaNokwaz­i liyadingek­a,” kuchaza yena.

Uthe uthando olukhonjis­we ngabantu ngemuva kokukhipha le ngoma lumenze wasebenza kanzima njengoba esekhiphe enye.

“Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngizwa sengathi nginecala lokunikeza abantu izingoma ezimnandi ezizobajab­ulisa. Ngisanda kukhipha enye ethi Sphum’ Elokshini engiyicula noMondli Ngcobo. Angingabaz­i ukuthi abantu bazoyithok­ozela nayo,” kuchaza uHeavy K.

Uthe ayikho imfihlo yokwenza umculo oshisa izikhotha ngaso sonke isikhathi kodwa ukuzinikel­a nokusebenz­a kanzima, athe yikhona okumbeke ezingeni akulona manje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa