U-Heavy K noBucie babuyisane ngengoma
UMKHULULI “Heavy K” Siqula uthi ingoma yakhe ethi Inde, ayicula ngokuhlanganyela noBucie Nqwiliso noNokwazi, ibiyindlela yokukhombisa ukuthi ingxabano ebikhona phakathi kwabo isiphelile.
UHeavy K noBucie bake bangabona ngaso linye iminyaka ngemuva kokuthi le nsizwa yasePort Elizabeth, ikhale ngokuthi uBucie akayibonganga ngesikhathi emukela indondo emcimbini wamaSAMA ngo-2015.
UHeavy K uthe konke sekwedlulile manje futhi sebeqale phansi bayasebenzisana.
“Le ngoma yenze ezibukwayo njengoba ngiyikhiphe kungasona isikhathi, bekumele iphume kulo nyaka. Ukuphuma isibili ezingomeni ezihambe phambili ngo-2017 kusho lukhulu kimina futhi ngokwami idle umhlanganiso,” kusho uHeavy K.
Uthe ukusebenzisana kwakhe noBucie noNokwazi kwaba yinto eyaqhamuka esikhaleni futhi kwaba umbono kaBucie (oke wathi usazoke ahlabe ikhefu emculweni).
“Wayehlala engitshela ukuthi njengoba isimo sesingcono phakathi kwethu, ungikweleta ingoma. Ngathi sengiyibhalile sengiqedile ngambiza ngizomlalelisa yona, kula aveza khona umbono wokuthi iphimbo likaNokwazi liyadingeka,” kuchaza yena.
Uthe uthando olukhonjiswe ngabantu ngemuva kokukhipha le ngoma lumenze wasebenza kanzima njengoba esekhiphe enye.
“Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngizwa sengathi nginecala lokunikeza abantu izingoma ezimnandi ezizobajabulisa. Ngisanda kukhipha enye ethi Sphum’ Elokshini engiyicula noMondli Ngcobo. Angingabazi ukuthi abantu bazoyithokozela nayo,” kuchaza uHeavy K.
Uthe ayikho imfihlo yokwenza umculo oshisa izikhotha ngaso sonke isikhathi kodwa ukuzinikela nokusebenza kanzima, athe yikhona okumbeke ezingeni akulona manje.