Isolezwe

I-DBN Nyts ithi ingoma ayihlambal­azi

- FANELESIBO­NGE BENGU

IQEMBU lekwaito laseThekwi­ni kodwa elizinze eGoli ngenxa yomsebenzi, iDBN Nyts lithi ingoma yalo ethi Ses’on elipike kuyo uBusiswa neRudeboys, yiculo lenjabulo.

Leli qembu libunjwe nguKabelo “Kaybee” Pekile, Lwazi “Slozet” Yokwana, Wonder “Choco” Shabalala, Cebo “TT” Ngcobo noSamkele “Soozan” Maphumulo.

Lazakhela udumo ngo-2015 ngengoma yalo eyayithi Shumaya elalipike kuyo uZinhle Ngidi.

UChoco utshele Isolezwe ukuthi ayihlambal­azi nakancane ingoma yabo.

“Sisanda kuyiqophel­a i-video. Iyaphusha yona yikho ukuthi yaphuma sekuhambe isikhathi.

Akusiyona ingoma enomkhuba kodwa uma u-on usuke usesimeni esikahle sempilo, uholile futhi unemali uzifunela injabulo,” kusho uChoco.

Ingoma yabo itholakala ezitolo ze-internet njenge-iTunes.

Uthe ngoMashi kulo nyaka bazokhipha i-albhamu entsha elandela eyokuqala abayikhiph­a ngo-2015 ethi, Believe.

“Kuningi okuzayo kulo nyaka ngoba sesikhiphe isingili entsha, i-Awuyiphind­e esipike kuyo uKwesta, Mega Drumz noVetkuk vs Mahoota.

Sisebenza emculweni omusha. Zikhona izingoma esizenzile kodwa sangagculi­seka ngazo, sanquma ukuthi sizenze kabusha. Kwesinye isikhathi uzahlulela wena uzwe ukuthi umsebenzi owenzile awukho ezingeni futhi ungenza ongcono,” kusho uChoco.

Uthe njengamanj­e banezingom­a ezihlabahl­osile ezizoba kwi-albhamu yabo ezophuma eKalawa.

Uveze ukuthi njengoba kuqala unyaka bazohambel­a izikole begqugquze­le abafundi ngaphansi kwenhlanga­no yabo iDBN Nyts Foundation.

“Imfundo ibalulekil­e.Nathi saqala esikoleni ngaphambi komculo. Uma uphothula isikole usungaqala ufeze amaphupho akho.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa