Sezijahe ukuhlangana noMchunu ezothisha
IZINYUNYANA zothisha KwaZulu-Natal zifuna uNdunankulu uMnuz Willies Mchunu awubize ngokushesha umhlangano phakathi kwazo neminye iminyango esifundazweni, ikakhulu owezimali, ukuze aqonde ngezinkinga zothisha.
Lokhu kulandela ukuthi uMchunu ekhulume kwethulwa imiphumela ka-matric esifundazweni ngeledlule wathi uyayibheka eyokuthi abize umhlangano wezinyunyana ukuze azizwele izinkinga okuhlale kukhalwa ngazo eMnyangweni wezeMfundo.
UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengameli weNatu, uthe bayajabula ngokuthi uNdunankulu usukumela phezulu uma kunezikhalo abanazo ngomnyango.
Uthe ziningi izinto abahlale bekhala ngazo emnyangweni wezemfundo ezigcina zingalungiswa.
“Ukunganyuselwa kothisha bakwaGrade R imali ekubeni babethenjisiwe ngoDisemba nokungaqashwa kothisha, ngezinye zezinto esihlale sikhala ngazo. Siyajabula ngoba uMchunu uyalusukumela udaba lwethu ngoba isimo esibhekene naso sinzima,” kusho uThompson.
Uthe ngendlela imali engekho ngayo emnyangweni kuze kube sengathi awukaze uthole ngisho nesenti kumgcinimafa.
“Singaba yisifundazwe esihamba phambili ngemiphumela ka-matric uma umnyango ungalungisa zonke izinkinga. Asinqabi ukuthi umnyango usebenze kodwa asifuni kube nento esolisayo kuze kube sengathi imali idliwe,” kusho uThompson.
UNksz Nomarashiya Caluza, uNobhala weSadtu, uthe bangajabula uma umhlangano ubizwa ngaphambi kokuba kuvulwe izikole ukuze amalungu eKhabhinethi azibonele izinto abakhala ngazo uma esevakashela izikole.
Uthe njengoba izikhalo zabo eziningi zithinta indaba yemali kubalulekile ukuthi umgcinimafa abe yingxenye yomhlangano.
“Singajabula uma ubizwa maduzane umhlangano ukuze kuthi uma sekuvulwa izikole iKhabhinethi ibone lezi zinto ebesikhala ngazo. Kunenkinga yengqalasizinda ezikoleni zethu okungezinye zezinto esihlale sikhala ngazo. Imiphumela ibe mihle ngenxa yokusebenza kanzima kwabafundi nothisha,” kusho uNksz Caluza.
UMchunu uthe uma sebehlangana nezinyunyana bazofuna ukuqonda kahle ngezinkinga zothisha njengoba kuhlale kunezikhalo ezivela ezinyunyaneni.